Kuzosho isbhakela kuwe indoda namuhla
Kuphela amaphupho namuhla ntambama empini ebhekwe ngamehlo abomvu phakathi kukaBig Zulu noPhumlani Njilo ese-Olive Convention Center.
Isihlabani somculi weHip Hop, uBig Zulu usethelekile eThekwini. Izolo ntambama ufike ehamba ngonyanyavu lweBMW ehamba aze akhiphe amahlombe umbona ukuthi ugcwele ukuzethemba ngesikhathi kukalwa amabhokisa.
Ushaye isikali esingaphezu kwekhulu. Kubabaze wonke umuntu obese-OCC kwaphinde kwanenhlokomo.
Ufike efake i-vesti elimnyama elinesithombe sikaRick Ricky ongasekho emhlabeni.
“Ngiyezwa le ndoda (esho uNjilo) ikhala ngokuthi ngomzuliswano wesibilj ngizobe sengikhathele ngiwudaka. Ithi izongingqimuza phansi ngomngqimuzo womlalisa phansi ngomzuliswano wesithathu kodwa umuntu uzowa iyona. Uke uzwe uma kuthiwa indoda iyawa iphinde ivuke? Iyona-ke ezowa,” kusho uBig Zulu ongamalakhe langempela nguSiyabonga Nene.
Amasango avulwa ngelesi-5 ntambama. Amathikithi ayatholakala eWebticket noma ezitolo zakwaPick & Pay nge-R150 nangama-R800.
Izimpi zihlelwe yiHlula Dladla Boxing Promotion. UNjilo utheleke osukwini lokukalwa ngeMercedez Benz. Wehle egandwe ngapha nangapha.
Ufike wakhumula isikibha wase engena esikalini. Utshele uZulu ukuthi angeke amshaye kakhulu.
“Le ndoda kusamele iye konandisa ezindaweni ezahlukene ngalamaholidi kaZibandlela. Ngakho ngeke ngiyinabise kakhulu. Ngizoyithi nje kancane ukuze mhla ziyishumi nanhlanu ivuke ibuyele emsebenzini,” kubeka uNjilo.
Le mpi izoba yimizuliswano emine. Kubhekwe ukuthi iqale ngehora leshumi.
Izimpi zeHlula Dladla Boxing Promotion ezibizwa ngeMpi (This War) zimi kanje:
SA Title, Middleweight:
Mapule Ngubane v Rita Mrwebu
WBA Pan Title, Featherweight:
Lindelani Sibisi v Sange Ngoza
KZN Title, Junior Middleweight:
Siphiwe Mbhele v Phikelelani Khumalo
Middleweight (10 rounds):
John Bopape v Patrick Mukala
KZN Title, Bantamweight:
Siboniso Gonya v Mduduzi Mzimela
KZN Title, Lightweight:
Sandile Dumsani v Siphesihle Mntungwa
Junior Featherweight (6 rounds):
Lukholo Ndlangalavu v Mxolisi Zuma
Mini Flyweights (4 rounds):
Nhlakanipho Kunene v Bongelanizulu Zulu
Junior Featherweights (4 rounds):
Melokuhle Ndlela v Sakhile Hlatshwayo
Flyweights (6 rounds):
Siboniso Maseko v Nkosingiphile Sibisi
Junior Flyweights (4 rounds):
Mncedisi Duze v Andile Mbatha
Flyweights (6 rounds):
George Kandulo v Sanele Mhlungu