Now Reading
OweSundowns uxwayisa izimbangi zabo kwiligi
Dark Light

OweSundowns uxwayisa izimbangi zabo kwiligi

Injini yeMamelodi Sundowns uSphelele Mkhulise, usekhiphe isexwayiso ezimbangini zabo ezisondelene nabo phezulu kulogi yeDStv Premiership.

Lesi sexwayiso ngesokuthi beyiSundowns bafuna ukwenza isiqiniseko sokuthi bashiya igebe elikhulu, okungangoba abafuna qembu elizolokho libahlezi ezithendeni. 

ISundowns ilona qembu elisadlale imidlalo emincane kuDStv Premiership kodwa izihola phambhili kulogi. Emidlalweni eyi-9 eyidlalile iyinqobe yonke nokuyenza ibe namaphuzu angama-27. 

Iqembu elilele endaweni yesibili iCape Town City enamaphuzu angama-25 kodwa isidlale imidlalo eli-13.

Namhlanje iSundowns izovakashela AmaZulu eKing Zwelithini Stadium emdlaweni ozoqala libumbene elesi-7 ntambama. 

“Sifuna ukuvula igebe phezulu esicongweni se-logi emaqenjini angemuva kwethu ukuze angasibambeli. Sifuna amaphuzu amathathu ngoba sinezinjongo zethu, ngakho sizoqinisekisa ukuthi sidlala kahle futhi siyawina” kusho uMkhulise. 

Uthe uyazi ukuthi lo mdlalo ngeke ube lula kwazise AmaZulu FC ngeke afune ukuhlulwa kulandelana phambi kwabalandeli babo. 

“Ngilindele umdlalo onzima kuMaZulu noba awenzanga kahle ngempelasonto. Ahlulwe i-TS Galaxy kuCarling Knockout, ngakho azofuna ukwenza konke ukumelana nathi. Kodwa siyilungele inselelo abazosinika yona kwazise nathi asenzanga kahle ngempelasonto njengoba sihlulwe yiTP Mazembe koweCAF Champions League.  Ngakho-ke silindele umdlalo onzima naMaZulu. Njengoba bengenzi kahle koweligi bazofuna ukunqoba kanti  badlalela ekhaya. Bazoba nokuzethemba bazokwenza konke ukuzama ukuthola amaphuzu amathathu, into esingeke siyivumele ukuthi yenzeke” kusho uMkhulise.

See Also

Isitobha soSuthu (AmaZulu) uRiaan Hanamub, unxuse iqembu lakhe ukuthi libumbane uma lizimisele ngokumisa lesi sitimela esiyiSundowns. 

“Ngicabanga ukuthi okokuqala kumele sibumbane. Sidinga ubumbano ngoba ngicabanga ukuthi siqine kakhulu uma sibumbene” kusho uHanamub.

Omunye umdlalo okhona namuhla ophakathi kweSekhukhune United neChippa United, nawo uzoqala ngesikhathi esifanayo uzobanjelwa ePeter Mokaba Stadium. 

Scroll To Top