Umphakathi ulivale thaqa ihhovisi leNkosi yendawo



UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
Ingxenye enkulu yaboHlanga iphila ngaphansi kwezandla ezimbili; ukubuswa ngaphansi kwenqubo yoBukhosi kanye nangaphansi kukaHulumeni. Empeleni esimweni esejwayelekile lokhu kokubili akushayisani inqobo nje uma kuhloniphana futhi kubekezelelana. Yize sihlale sizwa ngezinxushunxushu ezithinta amakhansela, iqiniso lithi nakweminye imiphakathi engaphansi koBukhosi isimo simapeketwane.Emasontweni amabili edlule elaboHlanga ngokumenywa lihambele umhlangano eMolweni, eThekwini, ngaphansi kukaWadi 9. Kulo mhlangano bekungamalungu ekomidi elimele umphakathi ngokwehlukana kwawo, abamele uMnyango Wezokubusa Ngokubambisana Nezindaba Zobuholi BoMdabu (Cogta) kanye noMkhandlu weNkosi yakwaMthembu.
Kulo mhlangano isithombe ebesisobala wukuthi kukhona ukungaboni ngasolinye phakathi komphakathi kanye noMkhandlu weNkosi ngakolunye uhlangothi, kanti ngakolunye nayo iNkosi bekukhona abakhomba ngakuyo ngqo. Ngokuqhubeka komhlanganano ikomidi lomphakathi liveze lawa amaphuzu alandelayo, ukuthi:
- Izinduna zendawo zinenkohlakalo.
- Kunezinhlelo zephrojekthi yeZipline kepha njengomphakathi abaziswanga babone sekubekwe amabhodi.
- INkosi phambilini kwavela ukuthi ayinawo umhlaba ngakho ayinalo ilungelo kanye nezinduna zayo ukuklamela abantu umhlaba kepha lokho kusaqhubeka.
- Abantu baklanyelwa umhlaba ezindaweni lapho okumele ngabe kuhamba khona umgwaqo, okuchaza ukubambezeleka kwentuthuko yendawo.
- UCogta wafika ngaphambilini walalela izikhalo zomphakathi kepha awubenzi ubulungiswa ngoba asikho isinqumo osithathile ngeNkosi.
- Isakhiwo esasisetshenziswa yizalukazi sadayiswa noma sabolekiswa abantu besonto, okuholele ekukhishweni kwazo izalukazi kulesi sakhiwo.
- Umphakathi sewanele yiNkosi yendawo futhi awusabuthembi ubuholi bayo.
Kube sekufika isikhathi sokuba iNkosi iphawule, ngomlomo wenduna uMnu uMaseko Dlamini ithe: “Iphrojekhti yeZipline ayikaqinisekiswa kusalindwe ukuthi kube nokhukhulelangoqo womhlangano phakathi koMkhandlu weNkosi, ikhansela kanye nomphakathi ngenxa yokuthi abaphathi bale phrojekthi babesayethule kithi kuphela akukhona ukuthi seyiqinisekisiwe.”
Le nkulumo ibe isifaka phakathi iKhansela uMnu uSimphiwe Mncube nebelikhona. Lona liphawule lathi: “Kulo mhlangano ngize njengesimenywa bengingazile ukuzophendula kodwa-ke ngoba igama lami selingenile kulolu daba kuzofanele ngiphendule. Iqiniso wukuthi abaphathi bephrojekthi bayethulile kimi neNkosi kepha isinqumo sokuyivuma besingakasithathi ngenxa yokuthi kusafanele kube nomhlangano nomphakathi othintekayo kanye nemindeni ethintekayo kulo mhlaba okuzoba nephrojekthi kuwo. Lokhu kwebhodi bengingakaliboni, kuyofanele ngixhumane nabaphathi balolu hlelo ngithole ukuthi kwase kuba nebhodi isivumelwano kodwa singakabi khona.”
Nabo aboMnyango babe negama abaledlulisile ngomlomo kaMnu uNhlanhla Mbambo othe: “Siyakuqinisekisa ukuthi iNkosi kayinawo umhlaba, ngakho ayinalo ilungelo lokuklamela abantu umhlaba.”
Kube sekuphakama ukuthi iNkosi enjani engenamhlaba lapho ube esecacisa uMbambo wathi: “Maningi aMakhosi angenamhlaba kodwa ngenxa yokuthi umlando uveza ukuthi imindeni yawo yayinabo uBukhosi ngakho-ke uBukhosi ikuthola kanjalo iNkosi,” kucacisa uMbambo.
Engeza uMbambo uthe: “Siyavuma akukhona okokuqala siza lapha ngenxa yezikhalazo zomphakathi ngokuthize okwenziwa uMkhandlu weNkosi kodwa okuvelayo wukuthi kukhona okunye okusha okufana nokuthi iNkosi umphakathi awusayifuni kanye nokuthi yona iyaqhubeka nokuklamela abantu umhlaba engenalungelo lokukwenza.
Kepha kufanele nazi ukuthi anginalo mina ilungelo lokuthatha isinqumo, nalaba abeze phambi kwami babengenalo bebodwa ngenxa yokuthi kunohlelo oluthize okufanele lulandelwe uma kuzoxoshwa noma kumiswa iNkosi.”
Abebehambele umhlangano babe nesivumelwano sokuthi angeke kuphele ngalolo suku abakudingidayo nabadinga izimpendulo kukho. Emhlanganweni ozayo kunikwe iNkosi ithuba lokwenaba nokuziphendulela ezinsolweni ebekwa zona.
Kuphethwe umhlangano ngelithi:
- Ihhovisi leNkosi lizovalwa kuze zonke izinto ziyalungiswa.
- UMnyango kaCogta uzonikwa izinsuku eziyisikhombisa kuya kwezili-14 ukunikeza ikhansela incwadi esemthethweni eqinisekisa ukuthi iNkosi kayinawo umhlaba.
- Ilungu lomndeni waseBukhosini licele izinsuku ezimbalwa ukuthi uhlangane ubhunge ngalezi zikhalo zomphakathi.