Now Reading
ISundowns Ladies iphakamise isicoco seligi ngesitayela eLucas Moripe Stadium
Dark Light

ISundowns Ladies iphakamise isicoco seligi ngesitayela eLucas Moripe Stadium

IMamelodi Sundowns Ladies iqumbe phansi iTS Galaxy Queens ngo 1-0 idla isicoco seHollywoodbets Super League namuhla ntambama eLucas Moripe Stadium.

ISundowns iphakamise isicoco sayo sesithathu kule sizini. Ekuqaleni kwesizini ikhale yemuka nesicoco seCosafa Cup. Kuthe kusenjalo yadla ubhedu kuCaf Women’s Champions League kwelaseMorocco.

Namuhla ivale ngesicoco seligi iguqisa iGalaxy Queens. Womabili amaqembu ahlulekile wukwakha amathuba acacile ngesiwombe sokuqala. UNicole Michael noBoitumelo Rabale yibona abathole amathuba angcono okushaya amagoli ngesiwombe sokuqala.

UNicole uzame engaphandle kusanda kuqala umdlalo kodwa umzamo wakhe waphuma phezulu kwepali. 

Sekuzophela isiwombe sokuqala uphinde waqhamuka ngasohlangothini lweGalaxy kodwa umzamo wakhe waphelela ezandleni zikaDineo Magagula ezintini zeRockets. URabale uke wathola i-free kick eduze namapali. Uyiqondise ngqo kuMagagula. 

U-Andisiwe Mgcoyi uvule inkundla ngomzuzu wokuqala kubuya isiwombe sesibili. IGalaxy yenze iphutha ilahla ibhola budedengu engxenyeni yalo. 

UMgcoyi obeshaya igoli lakhe leshumi nesikhombisa ujike uMagagula ngemuva kwalokho waphasela inethi.

Uphakelwe kamnandi nguNonhlanhla Mthandi okhiphe iphasi kanokusho.

Ngomzuzu wamashumi amahlanu nanhlanu iSundowns cishe yathola elesibili. 

Usebenzile uMagagula evimba leli bhola ebeliyongozi. Libuyile kuRabale kodwa wazama ukulingqofela enethini ngekhanda. Liphume kancane eceleni kwepali.

See Also

UMpumelelo ”Mbuzi” Nyandeni uyeke imbuzi yethuba lokubuyisela ezakhe emdlalweni ngomzuzu wamashumi ayisithupha.

Ngemuva kwemizuzu emihlanu uMichael baphazamise noNyandeni ngemuva komnyakazo omuhle kaBusisiwe Mndimeni.

IGalaxy iphinde yayeka elinye ithuba lokuthola elokulinganisa uMndimeni eshaya ipali ngomzuzu wamashumi ayisishiyagalolunye nanhlanu.

Abanyana Ba Style bagcine benqobe ngo 1-0 base phakamisa isicoco sabo sesithathu seligi amasizini elandelana. IGalaxy abebedlala nayo igcine iqede endaweni yesine ku-log.

Scroll To Top