Kusingethwe imiklomelo yezimayini ngaphansi kwefu elimnyama



UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
“Umkhakha wezimayini kumele ubambe iqhaza ekubhekaneni nokufa kwabantu ukuze ugweme ezinye izingozi emkhakheni wezimayini.” Lawo ngamazwi ezithunywa ebezihambele ingqungquthela yokuklomelisa ngezokuphepha, ezempilo kanye nemvelo ezimayini eGoli ngoLwesithathu.
Le miklomelo ihlose ukuhlonipha izinkampani zezimayini ezifake isandla ngokubonakalayo ekuphepheni kwezimayini. Umcimbi walo nyaka uqondane nesikhathi lapho lomkhakha ugubuzelwe yifu elimnyama njengoba kube nengozi yezimayini e-Impala Platinum kuleli sonto eledlule lapho eyedlule nemiphefumulo yabasebenzi basezimayini abali-12, kwalimala abangaphezu kwama-70.
Uhulumeni, abasebenzi kanye nabamabhizinisi baqale le miklomelo ukuze bahloniphe izinkampani zezimayini ezilwela impilo yabasebenzi basezimayini, izimo zemvelo kanye nezidingo zokuphepha. Kodwa izithunywa lapha zivumile ukuthi kuningi okusamele kwenziwe ukuze kwehliswe ukushona kwabantu ezimayini zezwe.
Izingozi zezimayini kuze kube manje sezidlule nemiphefumulo yabasebenzi abangama-53 kulo nyaka, uma kuqhathaniswa nabangama-49 ngonyaka odlule. IHarmony Gold ihlonishwe njengehamba phambili esigabeni seGolide futhi inkampani ikholelwa ukuthi izinga lokufa kwabantu ezimayini lehlile.
“Uma ubheka eminyakeni engama-20 edlule, imboni yayimi kwabangama-270 abantu abalahlekelwa yimiphefumulo. Kungaleso sikhathi lapho siqale khona ukukhuluma ngokuthi singathuthuka kanjani sisuka kuma-270 siye kuma-49 ngonyaka odlule kuwukuthuthuka okukhulu,” kusho uStuart Sepetla, oyiSafety Executive kwa-Harmony Gold.
Lo mcimbi uphinde wagxila ekuthuthukiseni abasebenzi ukuze kugwenywe ukufa. Abaningi bathi kumele kwenziwe imizamo yokuvikela izingozi esikhundleni sokuthatha izinyathelo ngemuva kwengozi ebulala abantu abaningi.
“Futhi yilokho abakwenzayo yingakho le ngqungquthela ihlonipha lezo zinkampani emikhakheni eyahlukene yezempilo nokuphepha emsebenzini ngokuthi zenze kahle kanjani,” kusho uDkt Thabo Mashongoane, oyiSikhulu esiphezulu kwi-Mining Qualifications SETA.
Izithunywa ziyavuma ukuthi ezinye izigameko ezenzeka ezimayini bezingagwenywa nokuthi abavukuzi banelungelo lokwenqaba uma becindezelwa ukuthi basebenze endaweni engaphephile.