Babhekene nomqansa abezokuvakasha ezindaweni zasemakhaya
Imboni yezokuvakasha endaweni yaseMacambini eyakhele idolobha iMandeni idonsana nemizwa exubile ngemva kwamaholide okuphela konyaka. Yize ikhona intokozo elethwe imicimbi kepha ukukhungatheka kumi ngenhla ngenxa yezinselelo ezilokhu ziphikelela kulemboni. Kusukela kubanikazi bamabhizinisi amancane kuya kumalungu omphakathi, ababambiqhaza bazwakalisa ukukhathazeka ngokunganakekelwa kwemboni yezokuvakasha kulomphakathi ongaphansi kwaMakhosi.
“Amaholide abemahle,” kuvuma uNkk Maria Sishi, oqashisa ngendawo yokulala emzini wakhe osondelene nolwandle eDokodweni. “Besibhukhe ngokuphelele izinsuku zilandelana ngaphambi komcimbi iDokodweni Beach Festival obuhanjelwe abaculi oba lapha olwandle makuphela unyaka. Kodwa manje, ungafunga ukuthi konke bekumane kuyiphupho. Imigwaqo isithule, nokubhukha sekuyoba inhlanhla njengoba sezingekho izivakashi.”
Indaba kaNkk Maria Sishi ibonisa ukukhathazeka okubanzi okwabiwa ngamabhizinisi endawo: ngenxa yohlobo lomkhakha wezokuvakasha oluvuna izikhathi ezithile zonyaka. Nakuba amabhizinisi ethola imali eningana ngesikhathi samaholidi, ukudlula kwawo kuvame ukushiya lamabhizinisi edonsa kanzima ekubhekaneni nokukhokhela izindleko zokusebenza ezihlanganisa ukuwakhangisa ngendlela ehehayo. Kubanikazi bezindawo zokucima ukoma abafana noMnu uSiphamandla Mthethwa, indawo yakhe abambisene kuyo noMnu uSosha Mthethwa endaweni yasOhwebede ithembele ezivakashini kwazise idolobha elinezindawo zokuphola likude kakhulu nalendawo.
“Sisanda kuliqala lelibhizinisi, kepha ngingasho ukuthi maningi amakhasimende esibe nawo ngamaholide uma siqhathanisa nezinyangana ezimbalwa ngaphambili. Ukuzilungiselela, sathenga umkhiqizo omningi, sahlanganisa nemisebenzi kaZibandlela eba khona endaweni, kodwa njengoba sesikuMasingana sekome mpo, nokusiphoqa ukuba sinciphise isitoko, sibheke nezinye izindlela zokukhangisa lendawo,” kuzikhalela uMthethwa. Ngokusho kwakhe, inkulu indima engabanjwa uMkhandlu ukulekelela umkhakha wezokuvakasha, okuhlanganisa ukwakha isizindalwazi samabhizinisi endawo baphinde bawafake nasezinkundleni zabo zokuxhumana, nokuzogcizelela ukuthembeka kwazo kumakhasimende asuke evakashile.
Umphakathi waseMacambini usuke waba semathane ngaphambilini ngenxa yentuthuko yezigidigidi eyayizolethwa inkampani yase-Dubai ngesikhathi sikaNdunankulu wesifundazwe uMnu Sibusiso Ndebele.
Lentuthuko yayizophoqa lomphakathi ukuba ususwe nokwawenza washaya phansi ngonyawo, wavala umgwaqo owuthelawayeka uN2, ukhala ngokungahlonishwa kwazise kwakuzombiwa namathuna, uphucwe namalungelo endawo egudle ulwandle, nezinxephezelo ezingagculisi neze.
Njengamanje, ngaphandle komcimbi oba sebhishi laseDokozweni, akukho okutheni okwenzakalayo kuyo yize noma inothile ngemvelo yezihlahla nezitshalo ezikhangayo nokungayenza iphenduke isizinda sezokuvakasha soqobo kusukela ezindleleni zokuqwala izintaba kanye nokuvakasha kokubuka izinyoni kuya emicimbini eqondiswa izinkanyezi. Nakuba amalungu omphakathi enazo izindlela zokuchitha isizungu, ukukhungatheka kuningi nokho ngenxa yokuntuleka kwengqalasizinda yokuxhasa ezokuvakasha ezisimeme.
“Imizila ibigcwele kakhulu,” kusho uRachel Vaughn, ophethe ibhizinisi lokubhukuda nokulala elihanjelwa kakhulu ngabamhlophe ebhishi iTugela Mouth. “Njengoba zingekho izindawo zokupaka ezifanele noma izinhlelo zokuphatha imfucuza, sibona udoti omningi kanye nokulimala kwemvelo. Kuyadabukisa ngoba yona kanye lento abantu abeza lapha ukuzoyibona yehliswa isithunzi.”
Ukukhathazeka kukaRachel kufakazelwa nangabezokongiwa kwemvelo bakwa-Ezemvelo KZN Wildlife, abathi amabhishi angcola kakhulu ngesikhathi samaholide. “Uma singaqaphile, lokhu kungase kuphenduke enye indaba yokuvakasha ngokweqile ezindaweni ezingenayo ingqalasizinda eyanele,” kuxwayisa uMary Basson, isazi sezokulondolozwa kwemvelo.
Ngokusho kukaMasipala wendawo, kwi-Intergrated Development Plan eshicilelwe kwisizindalwembu sawo, ugqamisa ukushoda kwesabelomali yize noma zikhona izinhlelo zokusimamisa lomkhakha wezokuvakasha.
“UMasipala udinga ukwakha ama-Estuarine Management Plans (EMPs) kuwo wonke amachweba atholakala endaweni yawo, ikakhulukazi i-Amatigulu kanye neTugela Mouth. Isabelomali sibekelwe eceleni ukuthuthukisa izizalo zemilomo yasoThukela, umasipala uxoxisana neNyuvesi yaKwaZulu Natali ukusiza mayelana nokwakhiwa kwalolu hlelo. Uma isabelomali sesikhona uMasipala uzoqalisa isigaba esilandelayo sohlelo.”
Noma kunjalo, abaningi embonini yezokuvakasha banomuzwa wokuthi kudingeka isinyathelo esisheshayo. Abanikazi bamabhizinisi bacele ukuthi kube nezinhlelo ezifana nemicimbi yangaphandle kwesizini yokuheha izivakashi unyaka wonke, kanti abaholi bendabuko bafuna imithetho eqinile ukuze kuvikelwe impahla yemvelo.
Njengoba umphakathi waseMacambini uqala ukusebenza ngemva kwenkathi yamaholide, inye into ecacile: indlela ehlelekile yokulawula ezokuvakasha phakathi kwamabhizinisi nomphakathi iyadingeka.
Ngaphambilini iNkosi yendawo iNkosi uMthokozisi Mathaba wazwakalisa ukuthi bona njengomphakathi bazozamukela izicelo ezivela kulabo ababambiqhaza abafuna ukusebenzisana phakathi kwamabhizinisi, abaqhubi bezokuvakasha kwemvelo, izakhamuzi, nezikhulu zikahulumeni ukuze kwakhiwe imodeli esimeme ezuzisa wonke umuntu.