Now Reading
Izigilamkhuba zifa kade: Kasisekho isigcwelegcwele esinguKissinger
Dark Light

Izigilamkhuba zifa kade: Kasisekho isigcwelegcwele esinguKissinger

Isisho esithi abalungileyo bahamba bebancane sesifakazelwe yizigameko eziningi emhlabeni.

NgoLwesithathu amaMelikana alahlekelwe ngomunye wonqondonqondo uMnu uHenry Kissinger. Ngaphandle kokunqoba indondo iNobel Peace Prize okweza nezinkulumo abanye besola ukwenzelela umufi lona uyisifundiswa kanye noqweqwe lukasomaqhinga.

Ugoduke eseminyaka eli-100. Kwabo nasentshonalanga uKissinger  unconywa ngeqhaza ekuvuleni amaxhama okuxhumana phakathi kweChina ne-United State kanye nesivumelwano sokuhwebelana ngezikhali phakathi kwe-Soviet kanye ne-USA. Utuswa ngobuhlakani bakhe njengosomaqhinga obekhongela iMelika ezimweni ezinzima ngokwesikhundla sakhe sokuba nguSecretary of State and National Security Advisor.  

Nokho abanye bamkhumbula ngeqhaza ezimpini, ekuthunjweni kwabantu kanye nasekubulaweni kwezakhamuzi emazweni ahlukene. Ebhukwini lakhe elithi: The Trial of Henry Kissinger, umbhali uMnu uChristopher Hitchens kananazi ekutheni uKissinger yisigcwelegcwele okumele siye ezikhindini. Omunye umbhali u-Anthony Bourdain wacashunwa ethi “Uma uke waya eCambodia ungeyeke ukufuna ukushaya uHenry Kissinger aze afe”.

Phakathi kwezinto asolwa ngazo ukugovusa itulo lokuketulwa kombuso eChile nokwaweza uPinochet othathwa njengondlovukayiphiswa owabulala inqwaba ezweni lakhe. Ngalesi sikhathi izinkulungwane zabantu zaduka nokukholakala ukuthi zayiswa kwagoqanyawo. Isandla sakhe siyakhonjwa nase-Indonesia lapho kuthiwa weluleka uGeneral uSuharto ukuthi konke akwenzayo kaphuthume, okwalandela lapho kwaba wukubulawa ikota yesigidi kuleliyazwe. Uyathinteka nasempini yase Vientnam eyadla abantu abacela ezigidini ezimbili. Kuthiwa lempi wayedlulisela eLaosi naseCambodia. ngonyaka we-1969 nokweseka labo ababelwa nobukhomanisi eLatin America.

Nasemazweni ama-Arabhu udosi lwakhe lwazwakala njengoba abanye nanamuhla bemsola ukuthi wakha itulo lokuba amaKurds avukele umbuso e-Iraq ethi bazowaseka kanti inhloso kwabe kuwukusondeza i-Iraq namaShan ase-Iran, okwabe kuzuzisa iMelika naye.

See Also

Ne-Afrika iyalwazi udosi lwakhe

Ngesikhathi esebenza noMengameli uNixon noFord akukho ayekwenzela izwekazi nokho kwathi lapho exhumana neNingizimu Afrika uhulumeni wamadlagusha wathola ukuphefumula nokuvikeleka.

Ngowe-1976 wafika eNingizimu Afrika kwathi nje emuva kwalokho uhulumeni wamadlagusha wadla izingane eSoweto. Kunobufakazi bokuthi ukusondelana nohulumeni wamabhunu kwaletha uxhaso ku Unita kaSavimbi e-Angola nayilapho kwakumele kuqothwe bonke laba ababehambisana nobukhomanisi. Lempi yase-Angola yathatha iminyaka engama-27. 

Scroll To Top