Now Reading
Imvunge ngomhlahlandlela ozolawula abokufika
Dark Light

Imvunge ngomhlahlandlela ozolawula abokufika

Ukukhishwa komhlahlandlela ongase ube inqubomgomo yezwe kwabokufika eNingizimu Afrika kungenzeka uqubule okunye ukukhuluma ngalolu daba oluseyiva kuhulumni nasemaqenjini ezepolitiki.

Lo mhlahlandlela obiwa ngeWhite Paper uchaza kabanzi ngezinguquko ezihlongozwayo ohlelweni lwezwe lokukhoseliswa kwabokufika.  Izinhlangano ezilwela malungelo abokufika kuleli seziqalile ukushaya amakhala ngokuthi okuningi kulo mhlandlela kubakhahlela ngaphandle, futhi inhloso enkulu ukuvala zonke izisele ezenza iNingizimu Afrika ibe uzibuthe kwabokufika.  

Kwisindlalelo salo mhlahlandlela kuvela ukuthi balinganiselwa ezi-150 997 abantu basemazweni angaphandle abanikezwe ubuzwe baseNingizimu Afrika ngokulandela izindlela ezisemthethweni kusukela ngowe-2002.

Ngaphezu kwalokhu kunabanye abantu abangama-300 000 abakuleli ngezimvume zokuthi babaleke emazweni abo ngezizathu ezehlukene okungaba izimpi, udlame nendlala. Nakulokhu abalwela amalunglo abokufika iminwe bayikhomba kuNgqongqoshe Wezasekhaya uDkt u-Aaron Motsoaledi ngokuvusa omunye umkhankaso wokuxosha abokufika. Ukukhishwa kwalo mhlahlandlela kubonakala kungaba nomthelela eqenjini elibusayo nangale kokhetho, njengoba kukhona abathi kuyagaganyelwa. 

Kulabo abahambisana noMotsoaledi bathi akumele aphele amandla, khona kuyothi noma kwenzeka engabuyeli kukhabhinethi kodwa ashiye isithombe esibonakalayo.

Kukhona nokukhuluma okuthi njengoba ihhovisi lakhe lizama konke ukuzama ukwanelisa wonke umuntu ngodaba lwabokufika kuleli kusuka ezinhlanganweni zemiphakathi, amaqembu ezepolitiki kanye nezinhlangano ezimele abokufika, uMotsoaledi kwabanye usephenduke umuntu onezinhloso zakhe kuhulumeni ngabokufika.

Kusuka ngaphambi kokhetho loHulumeni Bezindawo udaba lwabokufika kuleli belusezithebeni kukhona namaqembu ezepolitiki ayeselisebenzisa njengethuluzi emikhankasweni yalo. Elinye lalawa maqembu kwabe kuyi Action SA, umholi walo uMnu uHerman Mashaba owayethi bazophuma umkhankaso wokukhuculula zonke izakhiwo emadolobheni amakhulu eseziphenduke izidleke zabokufika. Ngakolunye uhlangothi i-Economic Freedom Fighters kaMnu uJulius Malema kuze ube yimanje imi nabokufika ithi iNingizimu Afrika ingeyabantu bonke abahlala kuyo. 

UMotsoaledi umi kwelokuthi izwe alikwazi ukugcina abantu bokufika ngaphandle kwezimvume. Okunye akuvezayo ukuthi abanye babalekile emazweni abo ngenxa yezimpi nezinye izimo zenhlalo, kodwa njalo ngamaholidi kaKhisimusi babonakala betshatha imithwalo benqamula umngcele bebuyela emazweni abo.

See Also

Waphawula kanje, “Kukhalwa ngokuthi iNingizimu Afrika iyacwasa ngoba kukhona abafuna siqhube ngendlela amazwe ahlelekile angenzi ngayo. Alikho nelilodwa izwe elingamela lokhu okwenzeka kuleli. Uma kuwukuthi siyacwasa ngokulandela imithetho zingamane zilime ziye etsheni”.

Inhlangano yabahlali e-Alexander iSinakho ithe njengoba sezihubela sakusha ngamaholidi kuzobonakala abokufika abathi bakuleli ngenxa yezimpi emazweni abo sekuyibo futhi abagcwele emingceleni beyodla uKhisimusi emakhaya.

Ekhuluma eThekwini uSekela Mengameli we-EFF uMnu uFfloyd Shivambu wathi basamile ekutheni abokufika nabo banamalungelo kumele nxa kubhekelelwa abantu bonk nabo bangashiywa ngaphandle, kuphele nokubacwasa okuhambisana nokubayamanisa nobugebengu ngoba nabakuleli abamsulwa.

Scroll To Top