Now Reading
Uhlelo lokusiza abadonsa kanzima eKZN lakwaKia SA
Dark Light

Uhlelo lokusiza abadonsa kanzima eKZN lakwaKia SA

Uthele izithelo umkhankaso wokuqwashisa ngomdlavuza ezinganeni osekwe inkampani yezimoto iKia South Africa obanjwa minyaka yonke ngoMandulo ngenhloso yokusabalalisa ulwazi ngalesi sifo. Kulokhu bese kungunyaka we-8 le nkampani yaqala lo mkhankaso ongakhethe bala.  

Lo mkhankaso ubuwandulelwa omunye owethulwe KwaZulu-Natal wokuqoqa izimali zokusiza abahlwempu ngokunikelela esikhwameni sabe Gift of the Givers. Umkhankaso waKwaZulu-Natal ubizwa ngeTest Drive for Good lapho bekuhlatshwa ikhwelo kubona bonke abantu kwelikaMthaniya ukuba bafake isandla ukuze kuphonswe esivivaneni kulesi sikhwama sokusiza umphakathi.  

Ephawula oyiSikhulu Esiphezulu kwaKia South Africa uGary Scott wathi, le nkampani igubha iminyaka engama-25 eNingizimu Afrika kulo nyaka, futhi ikhona nakwelikaMthaniya kusuka ekufikeni kwayo. Wathi inhloso yabo enkulu ngalo mkhanlkaso ukubuyisela emphakathini kungakhathalekile ukuthi bangabanikazi bezimoto lohlobo lwekia okanye ezinye. 

Wathi banobuhlobo obude neGift of the Givers njengenkampani ezimele kanye nenkampani iMotus Holding okwathi ngesikhathi soKhuvethe yanikela yanikela ngezimoto ezine ekuqhubeni umsebenzi wokusiza abantulayo. Engeza uScott wathi njengabantu baseNingizimu Afrika ekusebenzisaneni nabantu bakuleli khona ezweni kusemqoka kubona ekutheni izimoto zabo zamukelwe futhi zithandwe ngabantu bonke. 

See Also

Ngasekuqaleni kukaMandulo le nkampani yanikela nge-R100 000 kule nhlangano engenzi nzuzo eholwa nguDkt u-Imtiaz Sooliman ngesikhathi kunengqungquthela ebizwa ngeKia South Africa 2023 Kial Leadership Conference.  IGift of the Givers imandla ekusizeni lapho kusuke kunezinhlekelele khona, okany kuhlasele indlala, ukuntuleka kwamanzi, usizo lwezemfundo nokusiza umphakathi ngokubanzi. KwaKia banamagaraji ali-12 abadayisa kuwo izimoto zabo KwaZulu-Natal kusuka eNewcastle eVryheid, Empangeni, eBallito, eMhlanga, eDurban Central, eSpringfield, eManzimtoti, ePort Shepstone, ePinetown, eHillcrest naseMgungundlovu. 

Umkhankaso wokuwashisa ngomdlavuza iSeven7 Drive u[humelele ukuqoqa imali eyi-R51, 890 enikezwe izinhlangano ezingenzi nzuzo. Umkhankaso udonse isonto lonke uqale eKia Sandton eGoli waphelela esibheldlela iSteve Biko Academic  eTshwane. 

Scroll To Top