Ukunqoba kweBafana Bafana kukhuthaze USuthu



UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Umqeqeshi wa-AmaZulu FC uBenni McCarthy uthi ukunqoba kweqembu lesizwe iBafana Bafana kubakhuthaze kakhulu. IBafana Bafana ihlule iGhana emdlalweni wokuhulungela iNdebe YoMhlaba ezokuba seQatar ngonyaka ozayo, ngegoli elilodwa eqandeni elivalelwe phakathi uBongokuhle Hlongwane.
UMcCarthy usho lokhu nje AmaZulu FC namuhla ngoLwesihlanu azodlala umdlalo weCaf Champions League, azotholana phezulu neqembu laseMalawi iNyasa Big Bullets. Lo mdlalo uzobanjelwa eMoses Mabhida Stadium ngele-17:00.
“Sengilinde ukuthi sibe senkundleni, sizilungiselele ngokwanele ukuthi singabhekana nanoma isiphi isimo kulo mdlalo. Ukunqoba kweBafana Bafana kusikhuthaze kakhulu ekutheni nathi senze kahle, sizimisele impela ukwena iNingizimu Afrika iziqhenye ngathi njengayo iBafana Bafana” kusho uMcCarthy.
Kungokokuqala emlandweni ukuthi AmaZulu FC abe yingxenye yeCAF Champions, okuwumqhudelwano omkhulu lapha e-Africa wamaqembu.
UMcCarthy uphinde wathi AmaZulu FC ufuna angabi nazwelo kakhulukazi uma edlala ekhaya.
“Ukudlala ekhaya kuhlezi kubala uma udlala umqhudelwano onjengalona. Uma ungabheka iKaizer Chiefs ngesizini edlule, imingenazwelo ekhaya. Ebebhaxabula kwasani ekhaya, nathi lokho sifuna ukufunda kukhona. Sifuna ukuyinqoba imidlalo ekhaya, angisho ukuthi kumele sihlulwe ekuhambeni kodwa okumele sikwenze kuqala ukunqoba ekhayua bese siyabona ekuhambeni ukuthi senza njani” kusho uMcCarthy.
Ebuzwa ukuthi ngabe unalo yini ulwazi ngaleli qembu azobhekana nalo lo mqeqeshi uthe: “Sibabonile abadlali babo banabadlali abasukile phansi, okumele sikugweme ukuthi singawenzi amacorner-kick, amabhola ashwitshwayo aseduze, namabhola azogotshwa ngoba bengawanqofela phakathi. Esikuthathile okungaba yinto engasisebenzela ukuthi abasheshi, bangajikeka kalula futhi. Shuthe abadlali bethu abasheshayo phambili, nabakwazi ukujika kumele basebenzise amakhono abo ukuze sizonqoba lo mdlalo” usho kanje.
AmaZulu FC yize eqala ukudlala lo mqhudelwano kodwa anabo abadlali abaseke bawudlala bedlala kwamanye amaqembu. UMcCarthy uthe lokho kuzobasiza kakhulu abanye abadlali lokho ngoba bazobafundisa ubunzima abayobhekana nabo kule midlalo.
Abadlali abawudlalile lo mqhudelwano uPhilani Zulu, uKgotso Moleko bedlala kwiChiefs, uLuvuyo Memela, uThabo Qalinge, u-Augustine Mulenga noXola Mlambo begijima ku-Orlando Pirates.
Abanye abadlali abangaba usizo kuMcCarthy uSiyethemba Sithebe noVeli Mothwa ongunozinti, labadlali kukhona abakufundile njengoba kade beseqenjini leBafana Bafana elanqoba umqhudelwano iCosafa Cup. Lapha babebhekene namazwe akuleli okudlala abadlali abaningi abadlala kumaligi asemazweni abo.
USithebe waqokwa njengomdlali ovelele kulowo mqhudelwano uMothwa waba ngunozinti ovelele.
Elinye iqembu elizobe lidlala e-Africa iMarumo Gallants izotholana phezulu neFuturo Kings yase-Equatorial Guinea emlenzeni wokuqala wokuhlungela ukungena esigabeni samaqoqo eCaf Confederation Cup. Lo mdlalo uzoqala ngelesi-5 ntambama, kusasa ngoMgqibelo eStadio de Mongomo ekuhambeni, owesibili uzoba mhla zili-17 kwephezulu ePeter Mokaba Stadium.