Now Reading
Inhloso iyodwa ukuvikela isicoco
Dark Light

Inhloso iyodwa ukuvikela isicoco

IBanyana Banyana isiphupha ngokuyovikela isicoco sayo seWomen’s Africa Cup of Nations (Wafcon) ezobanjelwa kwelaseMorocco ngonyaka ozayo.

Lokhu kudalulwe ngumgadli weqembu uThembi Kgatlana. IBanyana izodudulana neBurkina Faso namuhla ngelesi-6 ntambama eStade Charles Konan Banny Yammoussouk emdlalweni womlenze wokuqala wokuzibekisela indawo ku-Wafcon.

Umlenze wesibili useLucas Morip Stadium ngoMsombuluko ngelesi-3 ntambama. IBanyana iyona ekhala yemuka nesicoco ngonyaka odlule eMorocco.

“Sikleliswe kangcono kuneBurkina Faso kodwa uma sekungenwa enkundeni lokho akuthi shu. Lokhu kungasigqugquzela kuphinde kusinike ukuzethemba. Singompetha base-Afrika ebholeni labesifazane yingakho kumqoka ukuthi imidlalo yokuhlunga siyiqale ngoba sizimisele ngokuphindela eMorocco siyovikela isicoco sethu mgonyaka ozayo,” kubeka uKgatlana.

IBanyana itheleke kwelaseBurkina Faso ngoMsombuluko. Izilolonge khona izinsuku ezimbili (ngoLwesibili nangoLwesithathu).

“Wonke amazwe esidlala nawo afuna ukuzibonakalisa. Yingakho kumqoka ukuthi kungabikhona izwe esilibukela phansi. Wonke amazwe afuna ukunqoba uma ebhekene nathi. Sizoqhubeka nokusebenza ngokuzikhandla ngoba iphupho lethu elikhulu wukuyovikela isicoco ngonyaka ozayo,” kuqhuba uKgatlana.

IBanyana isemofini eyisimangaliso. Ifinyelele ku-last 16 eNdebeni yoMhlaba ebidlalelwa kwelaseNew Zealand.

See Also

“Lona kube ngunyaka omude. Sihambe amazwe ngamazwe sadlala imiqhudelwano eyahlukene. Muva nje sisanda kuya kodlala eCongo kweyokuhlungela ukuzibekisela indawo kuma-Olympic Games. Uhambo lwethu lwaseBurkina Faso lithi alicishe lufane nalolu lwaseCongo. Okuhle wukuthi iningi lamantambazane selikujwayele ukuhamba amazwe ngamazwe. Siyakwazi esikulindele. Bazozama ukuqhamuka nawo wonke amaqhinga okusidunga umqondo. Sifuna ukuqala kahle lapha ekuhambeni bese siqedela umsebenzi ekhaya,” kusho uKgatlana.

Lo mgadli usephenduke ithemba leBanyana ngamagoli akhe amqoka awashayela iqembu lesizwe ngezikhathi ezimqoka.

“Sike sabhekana neBurkina Faso ngowezi-2017 kodwa ngeke sibehlulele ngalowo mdlalo. Nginesiqiniseko sokuthi sebeshintshile manje. Nathi sesishintshile. Leli qembu selidlale ndawonye iminyaka emibili. Ngeke sizixake kakhulu ngokugxila kuBurkina Faso. Thina sigxila kithina.” kuphetha uKgatlana.

Scroll To Top