Ukuqhubeka senze kahle kowomkhumulajezi kuzosisiza nakuligi – Tembo
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Umqeqeshi weRichards Bay FC uKaitano Tembo, ukholelwa ukuthi uma bengaqhubeka nokwenza kahle kumqhudelwano womkhumulajezi iCarling Black Label Knockout lokho kungaba nomthelela wokuthi benze kahle nakwi ligi.
IRichards Bay FC ngoMgqibelo izodlala umdlalo owandulela owamanqamu wayo iCarling Black Label Knockout, lapho izotholana phezulu neStellenbosch. Lo mdlalo uzobanjelwa eKing Zwelithini Stadium ngelesithathu ntambama.
Yize leli qembu selikowandulela owamanqamu, kodwa izinto azihambi kahle kuligi. Kuyimanje lihlezi endaweni yesibili uma kusukwa ezansi, emidlalweni eli-13 lisanqoba emibili kuphela.
Emdlalweni eliyinqobile kwiligi lalibhekene neSwallows FC kanye nomakoti iCape Town Spurs.
“Ngicabanga ukuthi uma singaya kowamanqamu lokho kungashintsha isimo esiyiyona kule sizini, ngoba lokho kungaletha ukuzethemba. Kubalulekile ukuthi siqale ukwenyuka etafuleni lelogi. Ukwenza kahle kumqhudelwano womkhumulajezi, kusisize kakhulu ngoba emidlalweni yethu emibilj edlule yeligi sithole amaphuzu amane. Lokho kwenziwa ukuzithemba, esikuthola ekwenzeni kahle kwiCarling Black Label Knockout” kusho uTembo.
Indlela yeBay ebheke kowandulela owamanqamu idlule kumaqembu amabili aseSoweto, okuyiSwallows ne-Orlando Pirates.
IBay izoya kumdlalo onzima kwazise iStellenbosch FC, yenza kahle kakhulu emidlalweni yayo emibili yeligi yakamumva ithole amaphuzu ayisithupha. Kule midlalo ibibhekene naMaZulu FC neCape Town Spurs.
UTembo ukhombe izihlabani ezintathu zeStellies okudingeka zigadwe ngeso lokhozi, uzwakale ethukile ngenxa yejubane laleli qembu kakhulukazi mabeya phambili.
“Badlala ngesivinini esikhulu ukuya phambili. U-Iqraam Rayners, uDeano van Rooyen kanye no-Adams Jayden, Laba ngabadlali abasheshayo nabanomfutho, ngakho uma singabacisha ngicabanga ukuthi ngabe sisebenzile kakhulu” kusho uTembo.
Omunye umdlalo owandulela owamanqamu uzokuba ngeSonto eMoses Mabhida Stadium, phakathi kwaMaZulu FC neTS Galaxy ngelesi-3 ntambama.