ISAFA isihoxise isicelo sokuzama sokusingatha iNdebe yoMhlaba yowezi-2027



UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
ISOUTH African Football Association (Safa) isihoxise isicelo sayo sokuzama ukuthola ilungelo lokusingatha iNdebe yoMhlaba yowezi-2027.
Le nhlangano eyangamele ibhola eNingizimi Afrika imemezele ukuthi izofaka isicelo sokulwela ukusingatha iNdebe yoMhlaba yowezi-2031 uma iFifa isikhiphe izinsuku zokufaka izicelo zale Ndebe yoMhlaba.
ISafa ikubeke kwacaca ukuthi ukuhoxisa lesi sicelo akusho ukuthi ayisazimisele ngokuqhubeka nemizamo yayo yokuthuthukisa ibhola labesifazane.
“Isikhathi esibekelwe sona sokwenza isicelo sokusingatha iNdebe yoMhlaba yowezi-2027 size nezingqinamba. Nokho lokho akusho ukuthi asisazinikele ekufukuleni ibhola labesimane. Kunalokho sizohlanganisa ushwisi wesicelo esizofolosa ngaso ngowezi-2031.
Seneme ngezeluleko esizithole kuNgqongqoshe wezeMidlalo nesekela lakhe njengoba besifake ugqozi ukuthi silungiselele isicelo sokukhankasela iNdebe yoMhlaba elandelayo. Sibone kungcono ukuthi sihlehle sidonse amandla bese sibuya nomkhankaso oqinile weNdebe yoMhlaba yowezi -2031,” kuchaza isitatimende seSafa.
INingizimu Afrika yasingatha iNdebe yayo yokuqala yoMhlaba ngowe-1995 ngesikhathi amaBhokobhoko enqoba iNdebe yoMhlaba.
Ngowe-1996, iSafa yasingatha i-Africa Cup of Nations (Afcon) eyagcina inqontshwe yiBafana Bafana kwathi ngowe-2003 yathola iNdebe yoMhlaba yekhilikithi.
Ngowezi-2010, elakuleli laqopha umlando liba yizwe lokuqala ukusingatha iNdebe yoMhlaba yebhola lomhlaba. Kuthe ngowezi-2013 yanikwa elinye igunya lokusingatha i-Afcon.
Kulo nyaka Umzansi ubusingethe iNdebe yoMhlaba yeT20 kwabesimame kwathi phakathi nonyaka eyebhola lomnqakiswano yaya eKapa.
“Ukuhola umkhankaso weNingizimu Afrika wokufaka isicelo sokusingatha iNdebe yoMhlaba ka-2027 kube yinto enkulu nengiyihloniphayo,” kubeka uTumi Dlamini obengusihlalo obehola ithimba lomkhankaso wokufaka isicelo sokusingatha iNdebe yoMhlaba yowezi-2027.
Ngowezi-2027, iNingizimu Afrika izosingatha iNdebe yoMhlaba yekhilikithi.
“Ibhola lisahamba phambili ekuhlanganiseni izizwe kwezemidlalo emhlabeni jikelele futhi ukufaka umfutho ekuthuthukiseni ibhola labesimame kumele kugqugquzelwe. Ngizizwa ngikhethekile futhi ngithobekile ngokubamba iqhaza elincane ekwenzeni umehluko ebholeni ibhola lesibhuda. Njengoba ngiphatheke kabi ngokuhoxiswa kwesicelo sowezi-2027 kodwa angingabazi ukuthi sizohlanganisa umkhankaso onesigqi ngeyowezi-2031. Sifisela wonke amazwe afake izicelo okuhle kodwa.”
Isikhulu esiphezulu kuSafa, uLydia Monyaepao naso sichaze ngesinqumo sokuhoxa.
“Kubi ukuthi siyahoxa ekufakeni isicelo sokusingatha iNdebe yoMhlaba yowezi-2027 kodwa ngemuva kokwenza ucwaningo olunzulu nokuthinta iziphathimandla ezisezingeni eliphezulu sifinyelele esinqumeni sokuhoxa. Sithathe isinqumo sokuhlanganisa umkhankaso onesigqi esizogadla ngawo ngowezi-2031. Asifunanga ukuxhamazela yingakho sifuna ukuzinika isikhathi esanele,” kusho uMonyaepao.
Ibhola labesifazane liyathuthuka eNingizimu Afrika. IBanyana isanda kudla ubhedu ku-Afcon yabesifazane. Ngeledlule iMamelodi Sundowns ikhale yemuka nesicoco seCaf Champions League.
Lokhu kulandela ukufinyelela kweBanyana ku-last 16 yeNdebe yoMhlaba.