Now Reading
UNjilo uzondizisela phezulu ifulegi lakuleli kumkhalambazo eChile
Dark Light

UNjilo uzondizisela phezulu ifulegi lakuleli kumkhalambazo eChile

Uhlose ukwenza ezibukwayo uNtokozo Njilo oyomela iNingizimu Afrika eNdebeni yoMhlaba kumkhalambazo ezoba seSantiago kwelaseChile ngoZibandlela. Le nsizwa engeyokuzalwa eMlazi esegcemeni sakwa-E izothola ingqayizivele yethuba lokuyolwa nezingqungqulu zomhlaba kwezomkhalambazo.  Iqale lomdlalo ngowezi-2008 icijwa nguSensie, Shange ngemuva kwalokho ayibange isabheka emuva njengoba isihambele amazwe angaphandle nezinye izifundazwe ngenxa yekhona layo lokudedela isibhaxu. UNjilo (25) ubangingqa ngaphansi kwehlangano i-International Karate Organization (IKO) Matsushima. 

“Ngizizwa ngikhethekile ngokuqokwa ekutheni ngiyomela izwe lami emqhudelwaneni womhlaba. Phela akuqokwa noma ngubani ukuyomela izwe ikakhulukazi emqhudelwaneni omkhulu njengalo. Mina ngikhethwe ngemuva kokwenza kahle kuShihan Sabelo Memorial Tournament ebibanjelwe KwaXimba. Ngizimisele ngokwenza kahle kulo mqhudelwano. Ngifuna ukwenza izwe liziqhenye ngathi njengeqembu elimele iNingizimu Afrika. Ngiyaqonda ukuthi ngeke kubelula ngoba sizobe sibhekene namanye amazwe ahlonishwayo ku-Karate kodwa ngiyalethemba iqembu lethu,” kuchaza uNjilo.

Ikhono lakhe liqale ukugqama kakhulu ngesikhathi emele umasipala weTheku kumaSalga Games amahlandla amathathu ngowezi-2014, owezi-2016 nangowezi-2017. “Ngemuva kokwenza kahle ngo-2017 kumaSalga ngithole ithuba lokulwa emqhudelwaneni owawuseMlazi ka-W. Ngafike ngenza kahle okwaholela ekutheni ngiyomela iNingizimu Afrika kwelaseChina. Ngafika khona ngaphuma endaweni yesine okwaba yinto enkulu kakhulu kimina ngaleso sikhathi,” kuchaza uNjilo.

Emabangeni aphansi ufunde eNyanisweni Primary School naseManzolwandle Primary School khona ngakubona eMlazi, kwa-E. Ngemuva kwalokho udlulele eNaleni High School okuyilapho ethole khona umatikuletsheni wakhe. “Akulula ukubhalansisa umsebenzi nomdlalo ka-Karate. Into engisizayo wukuthi ngisheshe ngiphume emsebenzini. Ngemuva kwalokho bese ngidlulela ejimini. Emsebenzini ngingena ngehora lesikhombisa ekuseni ngiphume lingamenxe elesine ihora. Ukujima siqala ngehora lesihlanu siqede ngehora lesithupha,” kubeka uNjilo.

See Also

Njengamanje useqalile ukwenza amalungiselelo eNdebe yoMhlaba ezoqala mhla ziyisishiyagalolunye kuZibandlela iphothulwe mhla ziyishumi enyangeni efanayo. “Ngizimisele ngokuzakhela umlando kulo mdlalo ka-Karate. Lo mdlalo waziwa ngokuthi awukhokhi. Ngifuna ukusishintsha leso sithombe ngokuphumelela ngawo bese ngiziqalela amabhizinisi ami eceleni. Uma uyi-Shihan uyakwazi ukuba ne-Dojo yakho bese wena ugxila ezintweni zakho ezithinta ibhizinisi. Phezu kwalokho uphinde usebenzise ulwazi lwakho kulo mdlalo ukukhulisa esinye isizukulwane esilandela ngemuva kwakho,” kulandisa uNjilo. Le nsizwa igqoka ibhande elimnyama kulo mdlalo esigqinsile kuwona abaningi emhlabeni jikelele. Ilwa ngabaphansi kwabanesisindo esingama-80KG.

“Ngiyayigqugquzela intsha ekutheni ingene emdlalweni ka-Karate. Lo mdlalo ubamba elikhulu iqhaza ekuziphatheni kumuntu emphakathini. Uma uyingxenye yawo uyaqoqeka. Isithunzi simqoka kulo mdlalo yingakho abantu bakhona bengatholakali noma yikuphi.” kuphetha uNjilo.

Scroll To Top