Now Reading
Owengamele umnqakiswano uletha izinhlelo ezinqala ngawo
Dark Light

Owengamele umnqakiswano uletha izinhlelo ezinqala ngawo

UMengameli weKwaZulu-Natal Netball (KZNN), uGugu Ngema uthi bazokwenza konke ukuthi abantu bawuqonda kancono lo mdlalo ngaphambi kokuqala kweNdebe YoMhlaba.

INdebe YoMhlaba yomnqakiswano izobanjelwa lapha eNingizimu Afrika, nokuzobe kungokokuqala ilapha ezwenikazi Izoqala mhla zingama-28 kuNtulikazi isongwe mhla ziyisithupha kuNcwaba, lokho kusho ukuthi zili-175 izinsuku ezisele ngaphambi kokuthi iqale.

“Siyisifundazwe IKwaZulu-Natal sihlele ukuthi sibe nekomiti esilibiza ngeWorld Cup Legacy Task Team. Leli komiti elokuthi kuqinisekiswe ukuthi lo mdlalo siwufaka kuzona zonke izifunda zalapha esifundazweni sethu ngaphambi kokuqala kweNdebe YoMhlaba” kusho uMaNgema.

Eqhuba uthe: “Kusukela kuNgqongqoshe weZemidlalo omdala uHlengiwe Mavimbela kwasekuqaliwe ukwakhiwa kwezinkundla zokudlala lo mdlalo kwizifunda eziningi, namanje ngaphansi kukaMhlonishwa u-Amanda Bani-Mapena loluhlelo lusaqhubeka ngenhloso yokuthi zonke izindawo sifuna zibe nezinkundla” usho kanje.

Okunye okuvezwe uMengameli ukuthi sebekwaze ukuvundulula abaqeqeshi abangama-40, abanye akade benoLevel 1 batholelwe uLevel 2. “Njengoba sesikwazile ukwakha abaqeqeshi abangaka sisazoqhubeka, nalokhu okubizwa ngama-Coaching Clinics okuzobe kuwukuthi sifundisa abantu kusukela kwintsha kuya kwabadala ngalo mdlalo.”

See Also

Phezu kwakho konke isifundazwe iKwaZulu-Natal sizonyelwa inyoni esandleni ngokuthi indebe uma ifika lapha eNingizimu Afrika ifikele khona. Kuzobe sekuhanjelwa zonke izifunda kukhonjiswa ngayo, bese iya eKapa lapho okuzodlala khona iNdebe YoMhlaba. Kunohlelo lokuthi kube namaFan Park, lapho abalandeli bezobuka imidlalo ndawonye.

Ngeledlule lesi sifundazwe besisingethe umqhudelwano obizwa ngeProvincial Netball Championships, ku-Ugu Sport & Leisure eMargate. Kulo mqhudelwano obudlalwa amaqembu angama-24 kukhonye isifunda iTheku kwabesifazane nabesilisa. “Inhloso yalo mqhudelwano bekuwukubheka abadlali balapha esifundazweni abazokwenza kahle ukuze abanye bezothola ithuba lokulekelela amaqembu ethu amabili adlala kuligi iTelkom Netball League (TNL). Kuliqiniso ukuthi amaqembu ethu awenzanga kahle ngalokho, asifuni ukuthi siphinde sishawe induku eyodwa” usho kanje.

Scroll To Top