Amaphuzu eSilo samukela ubuholu be-INkatha Freedom Party, oNdini




INdlunkulu ngokuhlukana kwezindlu zeNkosi
UMengameli we-Inkatha Freedom Party, Ngotsha
UBulungu bonke be-IFP obukhona
Namuhla wusuku olumqoka njengesethembiso esenziwa nguMhlonishwa uHlabisa ezinsukwini ezedlule. Ngiyathokoza ukuthi leso sethembiso sigcinekile.
Isithombe esifika kimi njengoba nilapha nje namuhla ngesikaNdunankulu kaZulu uMntwana wakwaPhindangene. Angingabazi ukuthi lapho ekhona uyamamatheka. Namuhla ubona ubufakazi bokuthi iqembu alisungulayo limi lapho alisungulela khona futhi walishiya khona eduze neSihlalo.
Okunye okujulileyo okwenzeka empilweni yomholi wenu wukuba uma esebeka phansi izintambo bese kubekwa endaweni yakhe omunye walapha ekhaya, uMhlonishwa uHlabisa.
Ngiyazi abaningi kabazi ukuthi abakwaHlabisa ngokuganiselana nokuzalwa kwaMakhosi ngabalapha ekhaya. Mina luqobo ngandulelwa yiNkosi ezalwa yisithole sakwaHlabisa, iNgonyama uMpande sonke esifunga yona.
Ngale kweNgonyama uMpande, INdlovukazi uSongiya okaNgotsha esibelethweni sayo kwahlala abaNtwana uNzibe kanye noNtintili. Ngiyakwamukela-ke wena kaNgotsha kwenu, futhi ulethe lapha kimi into yalapha ekhaya.
Uzothi omunye uma ngithi into yalapha ekhaya ngisho ukuthini?. Abadala lapha kini bayazi ukuthi uMntwana ekusunguleni kwakhe ngonyaka ka-1975 Inkatha Yenkululeko wakhela ngamaqubu alokho okwabe kwakhiwe yiNgonyama uMaphumuzana – Inkatha kaZulu eyasungulwa ngowe-1923.
UMntwana kanye nayenabo abafana noSobaba uZulu kabafihlanga mhla bakha Inkatha yeNkululeko ukuthi umongo wayo uncike kulokho okwakhiwa ngukhokho, ISILO sakwaDlamahlahla.
Lomlando ngithi angiwusho ngoba sekukhona abacabanga ukuthi leliqembu selingacelelwa noma lenqatshelwe yibo ukuba lize lapha ekhaya. Ngisekhona ngeke Inkatha ivinjwe noma icelelwe ngumuntu ukuba ize kwayo noma kimi ngoba ingeyalapha ekhaya.
Njengoba nazi ukuthi mhla uZulu ungibulala ngingena esibayeni kwasho ukuphuma ekubeni yisakhamuzi ngibe yiSILO phezu kwalesi sizwe. Okuwukuthi angivoteli qembu ngoba onke lamaqembu ngawami. Nokho abantu bakababa bangamalungu nabalandeli balamaqembu, abanye bangamalungu nabalandeli be-IFP.
Njengeqembu ngizoninxusa ukuba nenze isiqiniseko sokuthi uma sekukhankaswa akekho olimalayo. Ukuthi ekugcineni abantu baqome lapha bethanda khona. Nginxusa ubuholi be-Inkatha ukuba emikhankasweni yabo buphakamise ubunye ezweni ngesikhathi sokhetho nangale kokhetho.
Inkatha njengoba ayenza uMntwana silindele ukuba ibe yingxenye yesixazululo ezinkingeni ezibhekene nalelizwe.
Lokho nikwenze ngokwazi ukuthi nina niyisithako esimqoka kwipolitiki nenhlalakahle yabantu base Ningizimu Afrika okungakhathalekile ukuthi bayiliphi iqembu.
Ngalamagama amafushane ngithi qhubekani nibe yi-iNkatha yoMntwana esiyaziyo. Nginifisela okumhlophe emkhankasweni ozayo.
Ngiyathokoza.
QAPHELA: Kule nkulumo akufakiwe ukuphawula okwenziwe yiSILO siphedula obekushiwo zikhulumi)