Izinyunyana zibabaza igalelo leSILO kwezemfundo



UMhlongo yintatheli ebheke izindaba zohulumeni bendawo
UZulu usibekelwe ifu elimnyama kulandela ukwebuza kweSILO Samabandla ngoLwesihlanu olwedlule. Wonke umuntu obelandela izinkulumo zeSILO uyazi ukuthi imfundo into ebesiyigqugquzela ngisho nasentsheni yoHlanga.
Kuvulwa iSishayamthetho saKwaZulu-Natal sesi-6 sagcwala ezinkundleni zokuxhumana sibeka ngembaba siphikisana noHulumeni ukuba ufundise izingane izifundo zocansi, sicacisa ukuthi izingane zizofuna ukuzwa lokho ezikufundiswa nguthisha kuye uqobo lo obafundisayo.
Izinyunyana zothisha nazo zibhonge emswaneni njengomhlaba wonke ngokwebuza kweMbube. ISouth African Democratic Teachers Union (SADTU) kanye neNational Teachers Union (NATU) bazwakalise ubuhlungu babo kwelaboHlanga ngokwebuza kweSILO. UNobhala weSADTU esifundazweni uNks uNomarashiya Caluza uthe: “Likhulu igalelelo leSILO esilibonile lapho besenza isiqiniseko sokuthi emphakathini kunozinzo, izikole zeseka othisha ngoba besikuqonda ukuthi izinto ezenzeka emphakathi izona ezilimaza ukusebenza kwezikole. Ngiyakhumbula sikhuluma ngezindawo ezidayisa utshwala ezakhiwe eduze kwezikole. Saphinda sazisa izingane ukuthi ihlongandlebe ngeke liphumelele nokuthi imfundo iyohlala iyisona sikhali esiyokwelekelela umphakathi wakwaZulu wonkana.”
Uqhube wathi abanye abantu bebengalinaki igalelo laso kwezemfundo njengokuqhakambisa ulimu lwebele okungenye yezinto njengeSADTU abayibeke phambili njengoba begqugquzela ukuthi imfundo ibe nesigqi iphinde ikhulumisane nezinto ezenzeka emphakathini icacise ukuthi kuphunywaphi futhi kubhekwephi.
“Besikujabulela ukuba noMholi onjengaye obekhuluma ngokungahlonizi ngezimpi ezaliwa uZulu, singakhuluma ngempi yaseNcome nangempi yaseSandlwana okuyizinto njengeSADTU esithi ukufundwa komlando akwenziwe kube impoqo ukuze singothisha sifundise abantwana abaziqhenyayo ngobungabo khona bezokwazi ukuthi baphumaphi baphinde bavikele isiko labo kanye namagugu,” kusho uNks uCaluza.
Uqhube wathi: “Ngesikhathi uZulu eguqe ngedolo nathi siwuSADTU igalelo lakhe sithi ngeke salilibala kumele kwakhelwe ezimfundisweni azibekile.” Echaza ukuthi kuwubeka kuphi umsebenzi wabo njengeSADTU ukwenza ukuthi imfundo ikhulume nomlando wakuleli uma sibona labo ababekhuluma ngokungananazi ngayo bedlula uthe: “Okumnandi ukuthi noma kukubi kunje kodwa izinto ezaziqoshiwe ziyazungeza, okungezinye zezinto okumele zihlanganiswe kube neqoqo lolwazi oluzozivuselela, kwaziwe ukuthi kwaku neNkosi eyayikhuluma ngalolu hlobo.”
Uthe umlando indlela okumele uhlanganiswe ngayo ukuthi ukhulume izinto ngqo kungathiwa uma uZulu unqobile kepha kuthiwe abamhlophe bathi khumu. Lo mlando akube ngobhalwe ngabantu abasilalelile iSILO. “Impi iyaqhubeka sikhuluma nje izingane uma zibhalela ukuhlolwa zibhala ngesingisi, abanikazi besilungu bahamba phambili bona, uze uthole iphepha lesilungu litolikwe ngolimi lwesiBhunu ukuze lube lula kulabo okungolwebele kubo kodwa ngeke uthole libhalwe ngesiZulu ingakho besikujabulela lokhu okwenzeke esifundazweni i-Eastern Cape kubhalwa ngesiXhosa. Nalapha kumele kwenzeke lokho,” usho kanje.
Osabambe njengoMengameli weNATU uMnu uSibusiso Malinga esho izinto abayozikhumbula ngeSILO uthe: “ISILO sizosikhumbula ngezinto eziningi, njengamanje sibona inselelo isibhekene noHulumeni njengoba uMdlokombane abika ukuthi akufanele kube nezitolo ezidayisa amanzi amponjwana eduze kwezikole. Ngicabanga ukuthi uHulumeni kwakumele azivale ngaleso sikhathi njengoba iSILO sasishilo ukuthi lezi zitolo zinomthelela omubi ezinganeni zaso. Okwesibili njengeNATU iSILO sizosikhumbula ngokubambisana noHulumeni waKwaZulu-Natal ukugqugquzela izingane ukuthi zifunde ikakhulukazi uma sezizohlolwa. Sincenga nothisha ukuthi bafundise ngendlela efanele. ISILO besinakho ukumema othisha abakhele uNongoma sibabonge ngomsebenzi wabo.”
Uqhube wathi: “Kulokhu kwathi nhlo iSILO asikaze sayibukela phansi imfundo yaboHlanga noma kukhishwa imiphumela yaKwaZulu-Natal besihlezi sikhona sibazisa nalabo abangaphumelelanga ukuthi akusikhona ukuphela komhlaba. Besigcizelela nokuthi abazali banike abafundi isikhathi esanele ukuba bafunde.”
UMalinga uthe beyiNATU bebebambe ingqungquthela kwaGqikazi kwaNongoma basicela iSILO ukuthi sibe nguMkhuseli weNATU okuyinto esayamukela ngezandla zombili. UMalinga uthe bazozama ukuligcina izwi loMdala. “Kuke kuthi noma ubaba esesithele ekhaya kodwa kusale ukuthi wayengakufuni lokhu, kubalulekile ukuthi sazi obekuqhakanjiswa iSILO nalokhu ebesilwisana nakho.”