Ushumayela ivangeli lokuqoqa amaphuzu ekhaya umqeqeshi weBafana Bafana uHugo Broos


Namuhla ngo-3 ntambama, iBafana izodudulana neBenin emdlalweni wokuhlungela ukuzibekisela indawo eNdebeni yoMhlaba ngo-2026 kwelaseMelika, Canada naseMexico.
Umdlalo useMoses Mabhida Stadium, eThekwini. Uzosakazwa bukhoma kuSABC 1. Kushone elayizolo sekudayiswe amathikithi angu-10 000.
UBroos ongakaze ashaywe ekhaya kusukela athatha umsebenzi wokupheka iBafana eminyakeni emibili eyedlule utshele abezindaba ukuthi ufuna ezakhe ziqoqe amaphuzu ekhaya kule midlalo yokuhlunga.
“Ukunqoba ekhaya kumqoka. Uma uhlulwa wukuqoqa amaphuzu ekhaya uphoqeleka ukuthi uyowafuna ekuhambeni. Sonke sazi kahle ukuthi akulula e-Afrika ikakhulukazi uma uyisivakashi,” kulandisa uBroos.
IBafana iseqoqweni elilodwa neBenin, Nigeria, Rwanda neZimbabwe.
“Ngesikhathi kuqhathwa amazwe kweyokuhlungela iNdebe yoMhlaba ngalibeka ngembaba elokuthi leli akulona iqoqo elinzima kunawo wonke kodwa futhi ngaphinde ngakubalula ukuthi ngeke kubelula. Imiphumela yakamuva iyasidweba leso sithombe. Iphinde ikuqinisekise ukuthi ngangingaqambi amanga uma ngisho njalo. Ukudlala kweNigeria ngokulingana neLesotho kusethuse sonke,” kuqhuba yena.
IBafana sekuphele iminyaka engu-21 yagcina ukuzibekisela indawo kweyeNdebe yoMhlaba ngezithukuthuku zayo.
“Ngaso sonke isikhathi abantu bahlale bebheka ukuthi izwe elithize likleliswe kanjani emhlabeni noma e-Afrika bese bezitshela ukuthi nomphumela uzohamba ngokokukleliswa. Le midlalo nala mazwe inzima. Uma ulandela imiphumela yeBenin kuyavela ukuthi abashaywa ngembudlu yamagoli. Badliwa ngo 1-0 noma ngo 2-1. Abashaywa ngo 6-0 njengoba ngibone kwenzeka iGibhithe ibukisa ngeDjibuti ngo 6-0. Uma ubhekene nala mazwe awukuboni lokho. Siyazi ukuthi kuzoba ngumdlalo onzima. Okungiqinisa idolo wukwazi ukuthi leli qembu ngingalithemba. Ngiyazazi izimanga ezingalenza. Ngilibonile nasejimini. Umdlalo kumele siwuqale ngegiya elihle ngokomqondo bese siwuvala ngamaphuzu amathathu.” kubeka uBroos.