Umculo wayewusheba nemfundo uVan Denem


Uma kukhulunywa ngabaculi abayibeka induku ebandla e-Afrika ngesikhathi besadla anhlamvana alisali ngaphandle igama lika Maria de Lourdes Pereira dos Santos Van-Dúnem, owayaziwa kakhulu ngelikaLourdes Van-Dúnem. Lona kwabe kungumzwilili wase-Angola ecula ngesiPutukezi nangezinye izilimi zomdabu zezwe lakhe. Ukugqama kwakhe emculweni kwaqala ngeminyaka yowe-1960 neqembu ayecula kulo phambili iN’gola Ritmos. Leli qembu waqopha nalo izingoma ezehlukene okukhona ne-albhamu yabo yokuqala ethi iMonami.
Lo mculi wazalwa zingama-29 kuNdasa we-1935 eLuanda, e-Angola. ucijwe kakhulu emculweni emazweni aphesheya njengePortugal, kanti uhambele amazwe ahlukene okukhona kuwo i-Algeria, iBrazil naseLatin America. ekuhlukaneni kwakhe neqembu aqala ukucula kulo ube esesungula linye elaziwa ngeJovens do Prenda
Phakathi kwamagalelo akhe nokuhlonishwa kukhona umklomelo ahlomula ngawo womculi ovelele e-Angola , ngesikhathi sefestiveli yaseSun City eNingizimu Afrika kanye nendondo evela ku-Rádio Nacional de Angola , ohlelweni lokuphela konyaka i-A Melhor Voz Feminina da Música Angolana, kokubili lokhu kuhlonishwa ukuzuze ngonyaka we-1997.
Ngesikhathi izekazi lisawuthakasela umculo wakhe lo mculi wadlula emhlabeni ngoMasingane we-2006 emuva kokuphathwa umkhuhlane oyingozi. Ngaleso sikhathi owayengumengameli e-Angola u-José Eduardo dos Santos, wamemezela ukuthi amafulegi kumele andizele phansi kuze kuba ubekwa indlini yakhe yokugcina.
Lo mculi njengeningi lezingane zase-Angola uqale imfundo yakhe emazingeni aphansi e-African National League kanye nasesikoleni samabanga aphezulu eColégio de Dona Castro e Silva. Umculo wamngena ngesikhathi esesikoleni kodwa wangagxila kuwo ngoba wayenesifiso sokufeza iphupho lakhe lokuba ngumsakazi. wazakhela udumo esakaza esiteshini iVoz de Angola, lapho afunda khona ukukhuluma isiKimbundu, naphezu kweminyaka eminingi ayecula ngalolu limi.
UVan-Dúnem wacula emaqenjini ngesikhathi esemncane futhi wayengomunye wabaculi besifazane abambalwa abaziwayo ezweni ngeminyaka yawo-1960, lapho umculo e-Angola wawubuswa ngabesilisa. Ngaphandle komculo uyile nasesikoleni ngoba ngonyaka we-1991 wazuza iDiploma nokwathi ngonyaka we-1993 wathola iqhuzu lomculo enyuvesi yase-Angola.