Abayizwa eGqeberha eyokushaywa ngesithende


Sikhulu isililo e-Eastern Cape ngokushaywa ngesithende kwenhlokodoloba, iGqeberha kuhambo lwamaBhokobhoko lokubungaza ukunqoba iNdebe yoMhlaba.Elakuleli liqophe umlando ngokuba yiqembu lesizwe lesibili emlandweni wendebe yeWebb Ellis ukuyiphakamisa amahlandla elandelana.Phambilini ama-All Blacks bekuyiwona wodwa emhlabeni ukunqoba iNdebe yoMhlaba iminyaka ilandelana (ngo-2011 nango-2015).Njengamanje amaBhokobhoko yiwona asehamba phambili ngezicoco eziningi emhlabeni. Atheleke eMzansi ngoLwesibili ekuseni lapho amukelwe khona yizinkumbi zabalandeli abebechichima injabulo.Izolo aqale uhambo lokuvakashela amadolobha ahlukene ukujabulela ukunqoba iNdebe yoMhlaba.Uhambo luqale eGoli, eSoweto naseTshwane, luzodlulela eKapa, yiseThekwini bese lugoqwa ngeSonto e-East London.Okhulumela inhlangano ebusayo, i-African National Congress (ANC), e-Eastern Cape, uGift Nqondi usephumele obala ngokuzitshwa kwedolobha, iGqeberha ekubeni selikhiqize inqwaba yezihlabani zabadlali asebegqoke imibala yeqembu lesizwe.“Umqeqeshi (Jacques Nienaber), iphini lakhe (uMzwandile Sticks) nokaputeni (uSiya Kolisi) bonke baqhamuka ngaphansi kukaMasipala, iNelson Mandela Bay. Ngakho kuyichilo ukuthi lo masipala ushiywe ngaphandle kumadolobha azovakashela amaBhokobhoko kulo mjikelezo wamadolobha ahlukene eNingizimu Afrika. ISaru kuzomele isibuyekeze lesi sinqumo ngoba asikwazi ukusala ngaphandle ekubeni sinomlando omuhle uma kukhulunywa ngebhola lombhoxo. Ukuzitshwa kwethu kuhambisana nepolitiki phakathi. Ngeke-ke sikuvumele lokho. AmaBhokobhoko nje agcina nini ukuzodlala eGqeberha? Nathi siyawufuna lomjikelezelo eNelson Mandela Bay.”UMengameli uCyril Ramaphosa umemezele ukuthi mhla zinsizwa-15 kuZibandlela sekuzoba yiholidi lokugubha impumelelo yamaBhokobhoko.URamaphosa wenze lesi memezelo esizweni ngoMsombuluko ebusuku. “Sizitshwa kanjani ngempela ngempela? Asinandaba noma kungathiwa amaBhokobhoko afika ngemuva kwamasonto amabili kodwa wona kumele efikile eGqerbeha.”