Now Reading
Akazisoli nakancane ngokuthi khumu ekudlaleni uZuma
Dark Light

Akazisoli nakancane ngokuthi khumu ekudlaleni uZuma

Isiphekepheke somshwibi waseMgungundlovu uLwandiswa Zuma sivula isifuba ngesinqumo saso sokuthatha umhlalaphansi kukhilikithi.

UZuma (27) uqale lomdlalo  ezingeni elikhokhelayo ngowezi-2015 emele iqembu laseFree State ku-African T20 Cup. Ngemuva kwalokho akazange esabheka emuva, udlalele amaqembu afana neHollywoodbets Dolphins, Free State neNorth West Dragons.Uthathe amawikhethi angama-86 ezingeni likaFirst Class kwathi kweyeT20 wahlabana ngamawikhethi ali-17.

Kweyosuku olulodwa uthathe amawikhethi angama-36. UMsholozi uphinde wathola nengqayizivele yethuba lokumela iNingizimu Afrika eqenjini lesizwe lika-Under-19 lapho edlale khona nabadlali abafana no-Andile Phehlukwayo, Sibonelo Makhanya noRyan Rickleton.

Ngeledlule umemezele ukuthi usethi khumu ekudlaleni ikhilikithi. Exoxa nelaboHlanga uchaze ngokwenze wathatha lesinqumo 

“Isinqumo sami sincike ezintweni ezahlukene. Nokho okuyikona okwenze ngathatha isinqumo sokuyeka yingoba bengibhekelela ikusasa lami ngemuva kwekhilikithi nangendlela yokuphila. Uma udlala ikhilikithi kunzima ukwenza izinqumo ezinkulu ngoba impilo yakho incike ekutheni inkontileka yakho iyavuselelwa noma cha. Lokhu kwenza ikusasa ungalazi ngoba namuhla uyasebenza unenkontileka kusasa uhlezi ekhaya ngoba awunayo inkontileka. Into efana naleyo iza nengcindezi. Nasemoyeni ugcina ungaphathekile kahle,” kuchaza uZuma.

Esakhula ufunde e-Athlone Primary ngaphambi kokuthi athole umfundaze wokuyofunda eMaritzburg College ngenxa yekhono lakhe kukhilikithi.EMaritzburg College uqede eseyiphini leHead Boy ngowezi-2014.

“Ekupheleni kwesizini edlule ngike ngazithola ngibhekene nesimo esinzima lapho bengithungatha iqembu elisha. Amaqembu ebengifuna kuwona umsebenzi akazange angiphendule ngesikhathi. Kulapho-ke ngiphoqeleke ukuthi ngithathe isinqumo sokuthi ngizokwenzani ngempilo yami. Ithuba liqhamukile kodwa kwasho ukuthi sengisithathile isinqumo  ngento engifuna ukugxila kuyona ukuze ngikwazi ukuzakhela ikusasa ngaphandle kwengcindezi,” kuchaza uZuma.

Njengomfana okhululele elokishini, eMbali, ukhule edlala ibhola. Uqale njengomgadli wabuye wadlala emuva njengoba egcine eseyibamba enkabeni yenkundla.Uke wagijima kuMaritzburg United nabadlali abafana noRyan Moon osegijima kuLamontville Golden Arrows noBandile Shandu osengumdlali we-Orlando Pirates.

“Ngike ngazithola ngimpitsheleka ekhoneni, bekumele ngenze isinqumo sokuthi ngiyaqhubeka ngidlala ikhililithi ngizibeke ethubeni lokuthi ngihlale ngingazi ngekusasa lami ngemuva kokuphela kwesizini noma ngigxile kulokhu esengikwenza manje. Ngithathe isinqumo sokuthi ngibeke ikusasa lami esimeni esingcono eminyakeni ezayo. Yingakho ngikhethe ukuyeka. Ngesikhathi ngithatha isinqumo alikho iqembu ebelingifuna lize laqhamuka ngemuva kwesikhathi, lithe selifika bese ngisithathile isinqumo. Bengingafuni ukuzibeka esimeni lapho ngizoba nengcindezi ngekusasa lami ngemuva kwesikhathi esingangonyaka,” kulandisa uZuma.

Phakathi kwabadlali abanonhlonze adlale nabo kukhona uDavid Miller, Keshav Maharaj, Kevin Pietersen, Sam Curran, Andre Russell, noJanneman Malan. Uphinde wasebenza no-Allan Donald noNick Boje abadume kumaProteas.

See Also

“Ukuthatha kwami umhlalaphansi akusho ukuthi sengiphumile emdlalweni wekhilikithi. Njengamanje sengiwumqeqeshi. Ngithole ingqayizivele yethuba lokuzosebenza eMichael House. Ngiphinde ngibe wuthisha lapho ngifundisa khona izifundo ze-Economics kulesi sikole ngiphinde ngibe yiphini lomqeqeshi weqembu elikhulu lesikole.

“Ngiphinde ngifundise kabanzi ngokuba ngumshwibi wamabhola asheshayo. Ukukhuluma iqiniso ngeneme ngaleli khasi lami elisha. Ngifuna ukusiza isizukulwane esilandela ngemuva kwami ekutheni sifeze amaphupho aso. UMdali uhlale emuhle ngaso sonke isikhathi empilweni yami,” kulandisa uZuma. Njengamanje uZuma uphansi phezulu wenza iziqu zeBusiness Management eNyuvesi yaseNorth West.

“Uma usamncane kulula ukukhohlwa ngemfundo uma usanda kungena ezingeni elikhokhelayo kwezemidlalo. Lokhu kudalwa wukuthi usuke ungakaziqondi izinselelo zempilo nokuthi ikhilikithi iyaphela. Usuke usathokozela ukungena ezingeni elikhokhelayo kodwa iqiniso lithi kunempilo ngemuva kokudlala ikhilikithi. Nami ngingene ogibeni olufanayo lapho ngidlale khona iminyaka emithathu ngingaqhubeki nezifundo zami emazingeni aphakeme.

“Ngesikhathi ngidlala eFree State ngenza izifundo ze-Anthropology and Communication. Ngenza unyaka wonke, ngenxa yokushintsha amaqembu kwakungiphoqa ukuthi ngishintshe neNyuvesi ngenze nezinye izifundo e-UNISA. Okuhle wukuthi inhlangano ephethe amalungelo abadlali iyasigqugquzela ukuthi sifunde ngoba iyona ekhokhayo,” kusho uZuma. Lo mshwibi uke wahlushwa kakhulu wukulimala kodwa akazisoli nakancane ngakuzuzile eminyakeni eyishumi esezingeni elikhokhelayo.

“Ngeneme ngebanga engilihambe njengomdlali kukhilikithi. Iyodwa kuphela into engingazisola ngayo indlela engidlale ngayo umdlalo wami wokugcina. Ngangingaphathekile kahle emoyeni ngoba iqembu lalisanda kungazisa ukuthi inkontileka yami ngeke ivuselelwe. Ngathola isikhathi esincane sokuhlela impilo yami.angizange ngizinikele ngokwanele ngoba ngangingekho esimweni esihle ngokomqondo. Ngaphandle kwalokho ngeneme ngengikuzuzile. Ikhilikithi ingenze ngalihamba lonke izwe nomhlaba sengiye e-England amahlandla amane. Ikhilikithi ingakhele igama okuyilona elingisebenzela njengamanje.” kusonga uZuma.

Scroll To Top