Now Reading
Iqalile imbhikisho yokuqala konyaka yasemanyuvesi
Dark Light

Iqalile imbhikisho yokuqala konyaka yasemanyuvesi

Sekuphenduke isiko ukuthi njalo uma kuqala unyaka kuba nemibhikisho emanyuvesi kanye nezinye izikhungo zezemfundo ephakeme. Kamuva nje iNyuvesi iWit Watersrand (Wits), iNyuvesi yaseJohannesburg (UJ), iNyuvesi yaKwaZulu-Natal (UKZN) kanye neCentral Johannesburg Tvet College baqhuba imibhikisho njengoba bengakwazi ukubhalisa ngoba bakweleta imali yezifundo zanyakenye. 

Abafundi basola isikhwama iNational Student Financial Aid Scheme (NSFAS) ngokungaphenduli, nokuthatha isikhathi eside ukukhipha uhlu lwabafundi abaxhaswe yilesi sikhwama ezifundweni zabo zakulo nyaka. Njengoba zonke izinto zithe ukuhlehla ngenxa yokhuvethe lokhu kuvame ukuba kwenzeke ngoNhlolanja njengamanje isikhathi lapho abafundi kumele babhalise emanyuvesi. IWits kanye ne-UJ basihlehlisile isikhathi somnqamlajuqu ukuba abafundi babhalise basihlehlisela umhla zili-15 kwephezulu, ngoMsombuluko. 

Abafundi bathi amaNyuvesi abayalela ukuba bazikhokhele imali yokubhalisa bebe bazi kahle ukuba abafundi abafundiswa isikhwama akufanelanga bazikhokhele imali yokubhalisa. I-imeyili, umfundi wase-UKZN izifundo zakhe ezixhaswa isikhwama, ayikhombise elaboHlanga ibiyalela lo mfundi ukuba okungenani akhokhe ama-15% esikweletu sanyakene, bese ephinda ekhokha imali yokubhalisa.

Okhulume neBAYEDE uNks uKhanyiso Caluza othe kumele ayokwenza unyaka wakhe wokuqala e-UJ uthe; “Ngisitholile isikhala eNyuvesi kodwa angikwazi ukuya eGoli ngisuka eMgungundlovu ngoba angazi noma ngizokhokhelwa yini yiNSFAS ngoba awukaphenduli ukuthi uzongixhasa yini kumele ungiphendule ngomqhafazo unginike ukudedelwa kwezezimali (Financial Clearance). Lo mqhafazo iwona okuvumela ukuthi ubhalisele izifundo zakho. Ngaphandle kwalo mqhafazo kumele ngithole imali yokubhalisa. Mina nginayo imali yokubhalisa kepha anginayo eyokuzifundisa okuzosho ukuthi uma ngingayikhokha eyokubhalisa ngiyobe ngingqwambisa le enginayo uma uNSFAS usuphendula uthi awuzongixhasa ezifundweni zami, ngoba kuyosho ukuthi kuyomele ngibuye, ingakho ngingayi eGoli.”

Okunye okushiwo ngabafundi asebeshaya ibuya emanyuvesi abaqhubeza izifundo zabo bathi bazisiwe ukuthi uNSFAS awukhokhanga. Kukubona ukuthi bayazikhokhela ukuze baqhubeke nezifundo zabo noma bazixazululela lezi zinkinga zabo noNSFAS. Bathi uma ukhokha ngoNSFAS usayinda ukuthi uyasivuma isikweletu (Acknowledgement of Debt) ukuthi uma okukhokhelayo ehluleka ukukukhokhela kumele uzikhokhele isikweletu sakho, manje ukuhluleka ukukhokha lama-15% ngeke bakwazi ukubhalisa.  Okutholwe iBAYEDE okushiwo ngabafundi ukuthi sebesebenza ngobuxoki ngoba izisebenzi zase-UKZN ezingaphenduli uma zibuzwa kuma-imeyili sezidlulisela ngqo kuPhini leShansela kanye nakuMphathi wekolishi ukuze izisebenzi ziqhatheke ukuthi azisaphenduli abafundi uma bebuza. 

Omunye wabafundi base-UKZN uthe impendulo ayitholile ku-imeyili ithi: “Ngoba isilungu asizwakali othi ngikubhalele ngesiZulu. Asazi lutho sisebenzela emakhaya. Izinsiza asinazo ukuthola lezi zinto ezifunwa abafundi, ingakho sebesibuza into eyodwa bephindelela.” 

See Also

UMengameli wabafundi eNyuvesi iWits uMpendulo Mfeka uthe: “Kuwumbono wethu ukuthi ukufunda akukwazi ukuba kuqale, sekuphele izinyanga ezimbili sinezingxoxo kepha abazimisele ngokuxoxisana nathi. Umhlangano esibe nawo ubungesonto eledlule lapho saziswe ukuthi ngeke sisizakale. Sisazoqhubeka nokubhikisha zize zizwakale izikhalo zethu.” Kule mibhikisho yamaNyuvesi bekusayiseWits kuphela lapho osekuphume khona isidumbu.  

IKhomishini Yamalungelo Abantu iphawula kumsakazeli womphakathi ithe lesi senzo seNSFAS kanye nezikhungo zezemfundo ephakeme siwukuhlukumeza abafundi. 

Isimubhalele uNgqongqoshe weMfundo Ephakeme uDkt uBonginkosi “Blade” Nzimande. 

Scroll To Top