Now Reading
Ngabe kukhona isandla sesithathu?
Dark Light

Ngabe kukhona isandla sesithathu?

Isikhuphekhuphe samalungelo abantu notuswa ngokulekelela abantu abaningi ezweni lakheukuba baye ekubhaceni kulandela ipolitiki ezweni utholakale elenga esethule epaki ngoLwesibili enhlokodolobha yase-Ukraine eKiev. Lokhu kwenze amaphoyisa aqale uphenyo noluzobheka phakathi kokunye imbangela yokufa kwalo wesilisa.

UMnu uVitaly Shishov, oyinhloko yenhlangano ezinze eKiev, iBelarusian House in Ukraine (BDU), kubikwe ukuthi ulahlekile ngumlingani wakhe ngoMsombuluko ngemuva kokuphuma eyozivocavoca , kusho amaphoyisa. NgoLwesibili ekuseni. Lesi sishoshovu satholwa silenga endaweni enamahlathi epaki eliseduze nomuzi waso eKiev.

Amaphoyisa ase-Ukraine avule icala lobugebengu athi azophenya ukuthi ngabe ukufa kukaShishov kwakuwukuzibulala yini noma ukubulala okwakuhlelwe ukuthi kubukeke sengathi uzibulele yena

Scroll To Top