Now Reading
UShivambu uthi nabakuleli abamsulwa ekudayisweni kokudla okudala
Dark Light

UShivambu uthi nabakuleli abamsulwa ekudayisweni kokudla okudala

Ukwanda kwezigameko zokufa kwezingane KwaZulu-Natal lapho kusolwa khona ukuthi zisuke zidle ukudla ezikuthenge ezitolo zabokufika okusuke sekwedlulelwe isikhathi sekuqubule nomsindo wezepolitiki. Sekuphele inyanga kubikwa ngalezi zigameko ezweni kusuka kuphangalale izingane ezimbili esifundazweni iMpumalanga ezagcina ukubonwa zithenga oncamnce esitolo sabokufika. 

Muva nje KwaZulu-Natal kubikwe enye ingane eshonile eMthwalume okuthiwa nayo yadla uswidi owathengwa esitolo sabokufika owabe usudlulelwe isikhathi. Kuyona le ndawo yaseMthwalume kuphinde kwabikwa ukufa kwengane okuthiwa yaphuma amaphilisi ekhanda ayethengwe esitolo esifanayo esedlulelwe isikhathi. ISekela likaMengameli we-Economic Freedom Fighters (EFF) uMnu uFloyd Shivambu uthe akumele iminwe ikhombe abokufika nezitolo zabo ngokudayisa ukudla osekuphelwe isikhathi ngoba lena inkinga ekhona ezweni lonke. Kulezi zinsuku lomholi uhambele iKwaZulu-natal ngokujutshwa yiqembu lakhe njengoba kulungiselelwa ukhetho lukazwelonke lwangonyaka ozayo.

“Akulona iqiniso ukuthi abokufika kuphela abanale nkinga, ngisho nezitolo ezinkulu lapha ezweni sekuke kwabikwa ngazo ngokutho zidayisa ukudla osekuphelelwe isikhathi. Into okumele yenziwa ukuqinisa imikhankaso kuzona zonke izitolo kungakhethwa iphela emasini,” kuphawula uShivambu. Eqhuba uthe nayo imikhankaso yamaphoyisa akumele isike nganxanye njengommese ngoba abakuleli abanezitolo bayayidayisa imikhiqizo esiphelelwe isikhathi kodwa bakwazi ukuphunyuka. 

Eqhuba uthe njenge-EFF abahlonizi kulokho abahlala bekusho ekutheni imingcele kumele ivulwe amazwe ahwebelane ngokukhululeka ngoba le  ingcele ekhona yadalwa abaqoneli ababenezinhloso zokuhlukanisa i-Afrika. “Bheka nje ukuthi iMozambique neNingizimu  Afrika ihlukaniswe umngcele ongasho lutho. Abantu bakwaTembe abanye babo bangaphesheya komngcele abanye baqoma ukusala eNingizimu Afrika. EBotswana kukhona lapho umholi wendabuko aveza ukuthi ingxenye yesizwe sakhe sikapakele kwelakuleli,” kuphawula uShivambu.

See Also

Uveze ukuthi iqembu lakhe lizosebenzisana nazo zonke izinhlaka ukulwa nezitolo ezidayisa ukudla osekuphelelwe isikhathi, futhi bazokwenza isiqiniseko sokuthi kushaywa nxa zonke.

Scroll To Top