Now Reading
Inkosazane kaMaMdletshe ibheke esicongweni
Dark Light

Inkosazane kaMaMdletshe ibheke esicongweni

Indawo yasemkhaya kwaZulu-Natal iyaqhubeka nokukhiqiza lokho okuyinqabakutholwa nefagugu

UNongoma udume ngezinto eziningi. Lendawo eyiHlalankosi leSILO esibusayo ivame ukuba sematheni ngenyanga kaMandulo nokuyilapho amakhulu ngamakhulu ezintombi ezisuke ziliqhamukisa kuzo zonke izingxenye zezwe zisuke zibabele khona. Lapha zisuke zesabela ukumemeza koNgangezwe Lakhe. Nonyaka lendawo izongena emlandweni njengendawo yasemakhaya ekhiqize uzime ongenele isicoco sika Miss South Africa.  Kanti okunye umphakathi waseNingizimu Afrika ozokuthola wukuthi lentokazi egamalayo kungu Noxolo Ndebele kayizenyezi ngokuthi ivela kulendawo yasemakhaya.

UNoxolo noyinkosazana kaMfundisi uJoshue Ndebele weBandla i-Assemblies of God kanye noMankosi Ndebele uMaMdletshe onguthisha endaweni yakwaNongoma.

Ikhuluma neBayede lendoni yamanzi ichaze ubumqoka besikhathi ekuso nethe asisona isibusiso nje kuyo kuphela kepha ibona nendawo yangakubo ingazuza. “Ithuba engilitholile angilithathi kancane neze. Ngiyazi ukuthi lingenxa yemikhuleko nezifiso zabantu abaningi, kusuka ekhaya lapho ngizalwa khona, ozalweni nasemphakathini wakwaNongoma okuze kube yimanje ngihambela phezulu ngoba ngithwelwe yiwo ngeqoma,” kusho uNoxolo.

Lentokazi yize isendaweni lapho noma yiyiphi intokazi efisa ukuba kuyo ithi zikhona izinto ezimqoka okumele owesifazane ongenele uMiss SoutH Africa kumele angaqheli kuzo. “Ngikholwa wukuthi intokazi ezoba nguMiss South Africa ozayo kumele kube yintokazi ezigqajayo ngobuyona, isiko layo nemuva layo. Lena kumele kube yintokazi ebungaza ukuba ngumuntu wesifazane nowabelana okuhle nomphakathi avela kuwo,” kusho uMaNdebele.

Uqhubeke wathi: “Ngiyakholwa ukuthi ithuba engilitholile kumele ngakhele kulo ukulekelela amanye amantombazane endaweni. Nami ngiletha amakhono athize nengingangabzi ukuthi ayolekelela izwe lakithi.”

Ukhulume ngobumqoka bokubekezela nokuwa uvuka nathe naye kumakhile kulokhu ayikho namuhla. Uveze nangezifiso zakhe ngale komcintiswano kaMiss South Africa nathe zihlanganisa ukuba ngusomabhizinisi kanye nokuzibandakanya ezinhlelweni zomphakathi wakwaNongoma kakhulukazi lezo ezithuthukisa, zicija nezivikela ingane yentombazana. Phakathi kwabantu athe ubukela kubo nxa kufika kwabesifazane namabhizini uthe yiloyo oke wanqoba esikaMiss South Afrika uBasetsane Kumalo nathe phakathi kwezinto azithanda ngaye wukuzigqaja kwakhe njengosomabhizinisi wesifazane nowoHlanga.

Nxa ekhuluma ngabazali bakhe ugcwala ukubabatheka. “Abazali bami bayikho konke kimi. Umama uMaMdletshe ungunkosikazi wokholo  nongifundezi intobeko nokuhlale njalo ngimamatheka,” kusho lentokazi ngothotho lwamazinyo.

Iqhube yathi ngezenzo abazali bayo bayifundise lukhulu ngempilo “Abazali bami bangifundise ukupha, ukunakekela nokubonelela. Yize bebengenakho okuningi kepha kulokho uNkulunkulu abaphe khona babelane nathi nabanye abantu abaningi. Ngiyaziqhenya ngabo,” kuchaza uNoxolo.

Ekhuluma ngendawo yangakubo uthe njengazo zonke izindawo ifanele ngokugcono, okubalwa ingqalasizinda kanye namakhono. “Ngizimisele ukusebenza nezinhlaka ezikhona zomphakathi ukuze name ngiphose esivivaneni. Emhlanganweni wami kanye neMeya nabaphathi boMkhandlu ngisivezile isifiso sokuba yingxenye yokwakha uNongoma. Njengoba isiqubulo soMkhandlu sisho, ngithi singuNongoma kumele sizakhe futhi sizenzele. Lelo yivangeli okumele silitshale kithi nsukuzonke ngoba kuqala kithi,” kusho uNoxolo.

Lentokazi yakwaNongoma isohlwini lokugcina lwezintokazi eziyi-12 eseziyoncintisana kowamanqamu ngoMgqibelo ozayo mhla zingama -27 kuNhlaba. Umcimbi uzobanjelwa eSun Arena Square.

Ukuqokwa kwentokazi yendawo sekudale injabulo nokuziqhenya kubantu noMkhandlu uNongoma. UNoxolo Ndebele wasesigodini uNdindindi oSuthu uhlungwe kwabaningi waqokwa ukuba abe ngomunye kwaba li-12 ongenele owamanqamu kaMiss South Africa 2018.

Omunye walabo abaziqhenyayo ngale ntokazi yiMeya uMnu u-Albert Mncwango nothe okwenziwe nguNoxolo kubeka uNongoma endaweni enhle nxa kufika kwezokuvakasha.

Khona lapho uthe umhlangano abe nawo nale ntokazi umenze wayibona isifanele isibili esokuba nguMiss South Africa.

See Also

“NgoLwesithathu ngibe nomhlangano okhethekile noNoxolo kanye nabazali bakhe uMfundisi uNdebele noMama uNdebele. Ngithathekile yindlela le ngane yethu ethobeke ngayo nangendlela ezinikela ngayo ukuba yingxenye yokwakha le ndawo yethu. Yebo isencane kepha amaphupho ayo aphusile futhi adingwa ukwesekwa. Isifanele nesokuba nguMiss South Africa ngoba iyakwazi ekufunayo empilweni,” kusho uMncwango.

Kulo mhlangano lapho uMncwango obephahlwe yiSekela Meya iKhansela uNokubekezela Xulu, uSomlomo, ikhansela uBhekinkosi Zulu kanye neMeneja uNkk uThandeka Sokhela kuvele ukuthi uMkhandlu unesifiso sokusebenzisana nale ntokazi ezinhlelweni ikakhulukazi  ezihambisana nalezo ihhovisi leMeya elizenzayo emphakathini.

“Sithande kakhulu ukucabanga kwakhe nokwenze samumema ekutheni abe yingxenye yezinhlelo zokuthuthukisa intsha endaweni. Ukujabulele lokhu futhi siyamukela ukuthi uzoba matasa kepha sikuthokozele ukuzibophezela kwakhe ekutheni uzoyidudula nathi lapho sihlelembela intsha yakwaNongoma enamakhono amangalisayo edinga nje kuphela ukucijwa nokuxhaswa ngezindlela ezahlukene,” kusho uMncwango.

IMeya ithe ziningi izinhlelo njengoMkhandlu abeza nazo ngonyaka ozoqala wezimali nayilapho bezosebenzisana netsha esiphumelele evela kwaNongoma ngenhloso yokuthi icije labo abeza ngemuva.

“Njengoba bengihamba ngenza izethulo kubantu bakwaNongoma ngikhulumile nanalabo abazalelwa kule ndawo yakithi kepha ngenxa yamatoho asebesebenza kwezinye izindawo. Inhloso lapha bekuwukubamema ukuba bazosiphathisa, babuye basilekelele ekuthuthukiseni uNongoma wethu sonke. UNoxolo nje uzoba yingxenye yohlelo olubanzi oluhlanganisa abantu bakwaNongoma, abadala nabancane. Abanye babo bangosomabhizinisi, izifundiswa, izisebenzi zikahulumeni, abefundisi, abezemindlao njalo njalo,” kuchaza uMncwango.

Uphethe ngokuthi lolu hlelo luzobekelwa umphakathi ngoLwesine oluzayo njengoba ezobe ehlangene nosomabhizinisi bendawo nathe njengoNoxolo ‘bangamanxusa kaNongoma nokumele baqale babambisane ukuze iHlalankosi liqhubeke nokuzakha nokuzenzela’.

Scroll To Top