UMama Joy uthi awuqhubeke umfutho wokweseka amaqembu esizwe



UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Umama uJoyce “Mama Joy” Chauke uyalele abantu baseNingizimu Afrika ukuthi lokhu asebekuqalile bengabe besakuyeka. Abantu bakuleli bashayelwe elikhulu ihlombe ngendlela ekade bekhombisa ukweseka ngayo Amabhokobhoko eFrance. Kuyona yonke imidlalo yamaBhokobhoko kakhulukazi eyomkhumulajezi abantu bebegcwala ezindaweni ngokuhlukana kwazo, beseka iqembu.
Ezinkundleni zokuxhumana abantu bebelokhu befaka amavidiyo nezithombe betshengisa ukuseka iqembu lesizwe. Ngisho ukaputeni wesizwe uSiya Kolisi ukubalulile, ukuthi bebeqala ukubona besekwa ngaleli zinga.
“Ngeke ngaqamba amanga ingijabulisile kakhulu indlela abantu bakithi akade beseka ngayo Amabhokobhoko, kakhulukazi laba akade besele lapha eNingizimu Afrika ngesikhathi seNdebe YoMhlaba. Lento abantu bakithi asebeyiqalile ngiyafisa ingabe isaphuma lento egazini yokweseka amaqembu ethu esizwe uma edlala kwimiqhudelwano emikhulu” kusho uMama Joy engxoxweni ekhethekile nelaboHlanga.
Uphinde wanxusa abantu besifazane ukuthi abazibandakanye kweZemidlalo, bengasaleli emumva. Iqembu lesizwe amaProteas asemkhakhasweni wokubuya neNdebe yoMhlaba ye-One Day International (ODI), ebanjelwe eNdiya ebuzwa ukuthi uzoya yini uthe: “Mina ngiwumlandeli weRoyal AM neNingizimu Afrika yonke, ngalokho maduze ngizolibhekisa eNdiya ngiyokweseka abafana bethu asebedlulele kowandulela owamanqamu.
Ngithemba ukuthi nabo bazosijabulisa, ngokuthi bebuye neNdebe yoMhlaba. NgoMasingana futhi ngizolibhekisa eMorocco, ngiyokweseka iBafana Bafana ezobe idlala i-Afcon. Ngiyagcizelela futhi bantu baseNingizimu Afrika asibaseke abantu abasuke bemele izwe lethu emidlalweni yamazwe, lokho kobanikeza amandla okunqoba njengaMabhokobhoko” kubeka uMama Joy.
Lo mlandeli okwala kancane ukuthi engabonakali kwithelevishini, uthe eFrance ube nesikhathi angasoze asikhohlwa empilweni yakhe. Njengoba ethi kulamasonto kade ehlezi khona kuningi akufundile, wabona nobukhazikhazi bakhona. Indawo akade elala kuyo ingeyekhethelo, akulali noma ubani lelo hhotela libizwa ngokuthi iMeliá Paris Champs Elysees.
“Kube nemibuzo yokuthi njengoba ngiseFrance iRoyal AM ngiyishiye nobani. UMaMkhize ongumnikazi weqembu uyena owanginika izibusiso zokuthi ngihambe, naye uyazi ukuthi iNingizimu Afrika ihamba phambili. Yize bengiseFrance bengikwazi ukumaketha imidlalo yasekhaya yeRoyal AM. Vele iwona msebenzi wami lowo, akukhona nje ukubonakala enkundleni kodwa kumele ngenze indlela yokuthi kudayiseke amathikithi” kubeka uMama Joy.
Ephawula ngokunqoba kwaMabhokobho uthe: “Emva kokuthi Amabhokobhoko ehlule iFrance ilapho engabona khona ukuthi iWebb Ellis sizobhyela nayo lapha eNingizimu Afrika. Okwenza ngisho lokho ngesikhathi sidlala nayo abalandeli bayo, babegcwele inkundla okwakwenza umdlalo ubukeke uzoba nzima. Ngisho ezitaladini zakhona imvunge yayizwakala, abadlali bayo babenengcindezi enkulu ukuthi bejabulise izinkulungwane zabalandeli.
Kowandulela owamanqamu nowamanqamu ngase ngisho ukuthi nakanjani sizoba ngompetha futhi. Ngangazi ukuthi iNew Zealand izongena iyizimfivilithi kodwa sizoyihlula. INew Zealand yize sayihlula kanzima kodwa ngangingayisabi nhlobo” kusonga uMama Joy.