Ligcine ligqabukile igoda phakathi kweTS Galaxy FC noLifa Hlongwane
Lo mdlali sekuphele isikhathi eside engabonakali kumaRockets. Ufike kumasizini amabili adlule ethwelwe ngeqoma. Ngesizini yokuqala usize iGalaxy yafika izembe. Ubekade egijima kuMaritzburg United phambilini.
ElaboHlanga lihoshe izindaba zokuthi uHlongwane akasesiyena umdlali weGalaxy. “UHlongwane akasesiyona ingxenye yeGalaxy. Uzicelele iphepha lakhe. Ubengajabule ngempatho yomqeqeshi. Ukhala ngokuthi ngesikhathi efika wafika ezodlala isisu esiya phambili manje umqeqeshi usefuna adlale isisu esimile,” kuchaza umthombo.
UHlongwane uzakhele igama emaqenjini afana noBlack Leopards, Jomo Cosmos nePolokwane City eminyakeni eyedlule. Lo mdlali odabuka eTembisa udume ngokudlala ibhola elinemijiko eya phambili.
“UHlongwane bavumele neqembu ukuthi kuhlukwane. Uhambe kanjalo eqenjini. Bavumelane ngemali yokuhlukana. Njengamanje uthungatha iqembu elisha azogijima kulona,” kuqhuba umthombo.
ElaboHlanga lithole ukuthi useke wajima neRoyal AM. “Yebo, kuyiqiniso ukuthi uke wajima neRoyal AM. UJohn Maduka umthandile kodwa iRoyal AM ngeke ikwazi ukumsayinisa ngoba isadingisiwe ukusayinisa abadlali. IJDR Stars imfuna uthuli.” kulandisa umthombo.