Isishiphi sikhonga ukunya? Izinhloli namaphoyisa balinde okunyakazayo kusasa
Sekuqubuke ingebhe kubantu bakuleli kanye nosomabhizinisi njengoba ziqina izinsolo ezithi kungase kube khona ukuvalwa kwezwe kusasa ( ngoMsombuluko) ngemibhikisho kazwelonke. Okunye okuvelayo ngombiko yikuthi abaphehli bozwathi ngamalungu enhlangano ebusayo nayeyingxenye yomlenze wokuqala wezibhelu. Okunye yikuthi bazosebenzisa izizathu ezahlukene ukugovuza umphakathi.
ElaboHlanga linohlelo lokusebenza lwamaphoyisa olubizwa nge ‘ Operational Overlay-Shut Down By Citizens of South Africa, 23 August 2021. Kulomqulu zikhona izindawo okuzobhekwa kuzo ukuze kugwenye inhlekelele. Nokho okuvelayo yikuthi amaphoyisa azihlela nje uyamfimfa umbiko ovela ngasohlangothini lwezinhloli nokuyinto okwakhalwa ngayo ngokwedlule.
Abaholi abaningi ababesekhaleni lomkhankaso obizwa nge-Radical Economic Transformation (RET) okubulwa kubo noMnu uNkosentsha Shezi odume ngeRET champion bathi abazilutho ngomkhankaso wokuvalwa kwezwe okubikwa ukuthi uzokwenzeka kusasa.
“Angazi lutho ngezinhlelo zokuvalwa kwezwe, nami ngizwe ngakho ezinkundleni zokuxhumana ukuthi kukhona into ehlelwayo, angazi nokuthi ngobani abahlela lowo mkhankaso,” kusho uShezi.
Abanikazi bezitolo abaningi abangabokudabuka eSomalia abakhulume nelaboHlanga bathe banovalo lokuthi kungenzeka izitolo zabo zicekelwe phansi baphinde bantshontshwe impahla njengoba kunezinsolo zokuvalwa kwezwe kusasa.
Omunye onesitolo eHammarsdale ocele ukuba angadalulwa ngoba esabela impilo yakhe uthe isitolo sakhe usanda kusivula njengoba besicekelwe phansi ngenyanga edlule.
“Sinxusa iziphathimandla ukuba zitshale amaphoyisa amaningi azozulazula emigwaqeni ngoba amabhizinisi ethu awaphephile,” kusho lo somabhizinisi.
Osomabhizinisi abaningi bebengakwazi ukuvula amabhizinisi abo emva kokucekwelwa phansi ngezibhelu zangenyanga edlule. Enxanxatheleni yezitolo eHammarsdale Junction, zine kuphela izitolo ebezisavuliwe emva kwezibhelu.
Yize ikhona imvunge ngalolu hlelo lokuvalwa kwezwe kodwa abantu abaningi emphakathini bazwakalisa ukungahambisani nokuthiwa kuyahlelwa.
Ilungu lomphakathi laseThweba eCatoridge uMnu uMusa Ntuli uthe labantu abahlela ukuvala izwe bayaganga ngoba kumanje vele isimo somnotho siyaxhuga.
“Mukhulu umonakalo odalekile ngezibhelu zangenyanga edlule, kanti neningi labantu liphelelwe imisebenzi njengoba izinkampani eziningi zacekelwa phansi kuze kube manje zingakavulwa kanti abanye osomabhizinisi balibeka ngembaba elokuthi ngeke besavula,” kusho uNtuli.
Uthe labo abahlela ukuvalwa izwe bazicabangela bona bodwa.
“Abantu kumele bangavumi ukusetshenziswa ezimpini abangazazi,” kusho uNtuli.
Uthe baphatheke kabi ngalezi zinsolo njengoba izibhelu ezidlule zingcine seziba nokufa.
Izibhelu zangenyanga edlule zishiye kukhalwa KwaZulu-Natal naseGauteng.
EGauteng amaphoyisa akhona akhiphe uhlelo lwawo olunzulu lokubhekana nomkhankaso wokuvalwa kwezwe okuhlelwa ukuthi uzobakhona kusasa. Uhlelo luveza ukuthi inqwaba yamaphoyisa kanye namasosha azotshalwa ezindaweni okunokwesabela ukuthi zinamathuba amaningi okuthi zingase zihlaselwe yilabo abahlela ukuvalwa kwezwe.
Ngokwalolu hlelo kuzoba namaphoyisa azokanisa ngisho emigwaqeni emikhulu njengoba ivamiswe ukuthi ivalwe. Amaphoyisa aKwaZulu-Natal azikho izinhlelo azikhiphile njenge sifundazwe saseGauteng.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel uThembeka Mbele uthe bazwile ngezinhlelo zokuvalwa kwezwe ezihlelwa kusasa, wengeza ngokuthi amaphoyisa azobe esiqaphile isimo.
Uthe abakwazi ukuveza emphakathini ukuthi izinhlelo zabo zimi kanjani.
ElaboHlanga lihabule ukuthi abashayeli bamaloli bakuleli bona bazoyisusa ngokuthi bamise ozakwabo bakwamanye amazwe bese kungenelela nalabo abahlela ukuvala izwe.
Yize iqina imibiko yohlelo lokuvalwa kwezwe kodwa uhulumeni waKwaZulu-Natal ulokhu eshaya phansi ngonyawo uthi akukho oluzokwenzeka kusasa.
UNdunankulu waKwaZulu-Natal uMnu uSihle Zikalala uqinise idolo izakhamizi:
“Ezokuphepha zizobe ziqinile, abantu akumele bathuke ngalokhu okubikwa ezinkundleni zokuxhumana,” kusho uZikalala.
NeMeya yoMkhandlu iTheku, uMnu uMxolisi Kaunda uthe amaphoyisa abo ami ngomumo ukubhekana nanoma isiphi isimo esingavela.
Okhulumela i-African National Congress (ANC) KwaZulu-Natal uMnu uNhlaka Ntombela unxuse amalungu abo ukuthi angazihlanganisi nalokhu okuhlelwayo.
Uthe bazwile kwabemithombo yabezindaba ngezinhlelo zokuvalwa kwezwe kusasa.
“Okusiphatha kabi kakhulu ukusetshenziswa kophawu lwe-ANC ezingqwembhemi ezifakwe ezinkundleni zokuxhumana ekhuluma ngezinhlelo zokuvalwa kwezwe,” kusho uNtombela.
Uthe amalungu abo okuzotholakala ukuthi ayingxenye yomkhankaso azothathelwa izinyathelo. “I-ANC KwaZulu-Natal kade yayisho ukuthi iyameseka obenguMengameli uZuma futhi iyalihlonipha ilungelo labantu lokumasha ngokusemthethweni kodwa labo abasuke bemasha akumele bacindezele amalungelo abanye abantu,” kusho uNtombela.