UMdeni nabangani bancamile : Uselondoloziwe uNtuli
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Ngesikhathi kufika ibhokisi ebeliphethe umzimba kaBonginkosi “Mdeva” Ntuli esontweni i-African Congregational Church eCliffdale, abadlali baMaZulu FC bavele bahluleka ukuzibamba bakhihla esikaNandi. Kwazise bebebona ibhokisi ebeliphethe uzakwabo, kwabanye obewumngani.
UGeorge Maluleka oyinjini yaMaZulu FC ubebonakala ukuthi impela imulimazile lento yokudlala emhlabeni kwaNtuli, nodlule emhlabeni ngeSonto obekuwusuku abezoshada umshado wakhe wesintu nesinqandamathe sakhe uSinenjabulo Zungu-Ntuli.
UMaluleka usukile kubadlali wayozihlalela yedwa wafike wakhala. Ngisho sekuyiwa emathuneni usale esontweni, nakhona elokhu esikhihle njalo eseNdlovukazi uNandi.
Ngaphambi kokuthi ungene ngaphakathi esontweni, ubuwamukelwa izithombe zakhe uNtuli. Omunye wabangani bakhe ilapho esho khona ethi: “Nebala lisilahlile umfowethu akasekho ngempela. Imangiqala namhlanje ukwamukela” kusho umngani.
Sekungenwe ngaphakathi esontweni kube nesizotha, wonke umuntu etshengisa ukudumala. Obekugqame kakhulu abantu besifazane nabesilisa benkolo yamaNazaretha okuyilapho uNtuli nomndeni wakhe bekholwa khona.
Abesifazane nabesilisa bebehlobe ngezembatho ezimhlophe.
UNtuli uphelezelwe osomabhizinisi, osaziwayo, abadlali banobhutshuzwayo, amalunga omphakathi, abadlali baMaZulu FC nabalandeli.
Kwizikhulumi bekukhona umngani wakhe omkhulu u-Ayanda Jali, uRamahlwe Mphahlele obekhulumela AmaZulu FC, uThulani Ntuli onguyise kaBongi kanye noSandile Zungu ongusihlalo woSuthu.
Amazwi avuse umunyu kubantu abaningi akaMphahlele athe: “Unobhutshuzwayo ingabe uyadlala yini ezulwini, okungenzeka iwindi lokuhwebelana ngabadlali livuliwe khona. Mhlambe uClive Barker ubedinga umgadli ezulwini. Noma uRichards Henyekane ubedinga umuntu azodlala naye” usho kanje uMphahlele.
Abangani ngaphandle kwesonto bebelokhu beshilo ukuthi, bebengakholwa ukuthi uNtuli akasekho. Bebefuna ukuzikholelwa njengopilatu, ukuthi baze bambone efihlwa.
UNtuli ube esebekwa endaweni yakhe yokugcina, eLalakahle (eHillcrest).
Igama: Bonginkosi
Isibongo: Ntuli
Usuku lokuzalwa: 28 kuNdasa ngowe-1991
Usuku ashone ngalo: 5 kuLwezi ngowezi-2023
Nickname: Mdeva, Costa, Diego nelikaKG.
Iminyaka: 32
Indawo azalelwe kuyona: Cato Ridge
Indawo akhulele kuyona: Cato Manor (KwaMasxha)
Amaqembu adlale kuwona:
Lamontville Golden Arrows, AmaZulu, Platinum Stars neMamelodi Sundowns.
Amagoli akhe: 74
Imidlalo: 222
Ijezi abeligqoka: 7