Now Reading
Owamalungelo abantu uthole ukugxekwa ngokuvakashela iChina
Dark Light

Owamalungelo abantu uthole ukugxekwa ngokuvakashela iChina

Isikhulu se-UN samalungelo abantu uMichelle Bachelet, uzithole engaphansi kwengcindezi ngesinqumo sakhe sokuthatha uhambo lwaseChina. Ugxekwe  izinhlangano ezilwela amalungelo abantu kanye namazwe aseNtshonalanga, uthe unxuse iBeijing ukuthi ibuyekeze imigomo yayo yokulwa nobushokobezi ukuze iqinisekise ukuthi iyahambisana nezilinganiso zomhlaba wonke zamalungelo abantu. UBachelet ukugcizelele nokho ukuthi uhambo lwakhe lwezinsuku eziyisithupha, oluphele ngoMgqibelo futhi luhlanganisa nokuvakashela esifundeni esisentshonalanga neXinjiang, bekungelona uphenyo ngezinqubomgomo zamalungelo abantu zaseChina kodwa bekuyithuba lokuxhumana noHulumeni.

UBachelet uqale uhambo lwakhe lwaseChina, olokuqala olwenziwa nguKhomishana Omkhulu Wamalungelo Abantu we-UN eminyakeni eli-17, ngoMsombuluko edolobheni eliseningizimu yeGuangzhou ngaphambi kokulibangisa eXinjiang. Ihhovisi lakhe lathi ngonyaka odlule lalikholelwa ukuthi ama-Uyghurs eXinjiang ayeboshiwe ngokungemthetho, aphathwa kabi futhi ephoqelelwa ukuthi asebenze.

“Ngiphakamise imibuzo nokukhathazeka mayelana nokusetshenziswa kwezinyathelo zokulwa nobushokobezi kanye nokuqeda amandla ngaphansi kwesicelo esibanzi, ikakhulukazi umthelela emalungelweni ama-Uyghur kanye nabanye abancane abangamaSulumane,” esho esithangamini nabezindaba ngoMgqibelo. IChina iyaziphika zonke izinsolo zokuhlukumeza eXinjiang. Ukufinyelela kukaBachelet bekunomkhawulo njengoba iChina yayihlelela ukuthi ahambe “ngeLoop evaliwe”  ehlukanisa abantu ngaphakathi kwebhamuza elibonakalayo ukuvimbela ukusabalala kokhuvethe ngaphandle kwabezindaba bangaphandle.

Amaqembu amalungelo kanye namazwe aseNtshonalanga akhathazekile ngokuthi iChina izosebenzisa uhambo lwakhe njengokuqinisekisa irekhodi layo lamalungelo. Umkhulumeli woMnyango Wezwe i-USA uNed Price uthe ngoLwesibili “kube yiphutha ukuvuma ukuvakashelwa ngaphansi kwezimo”. IChina yaqale yaphika ukuthi kukhona amakamu okuvalela eXinjiang kodwa ngonyaka wezi-2018 yathi isisungule “izikhungo zokuqeqesha” ezidingekayo ukuze kunqandwe lokho eyayikusho ukuthi ubushokobezi, ukuhlukana kanye nokubandlulula ngokwenkolo esifundeni.

See Also

UBachelet uthe uphakamise noHulumeni waseChina ukushoda kokwengamela okuzimele kokusebenza kwezikhungo nezinsolo zokusetshenziswa kwendluzula, ukuphatha kabi kanye nemingcele eqinile emisebenzini yezenkolo.

Ngowezi-2019, uMbusi waseXinjiang uShohrat Zakir wathi bonke abaqeqeshwayo “baphumelele”. Ngesikhathi kuqhubeka isithangami nabezindaba, uBachelet uphinde wachaza “njengokukhathaza kakhulu” ukuboshwa kwezishoshovu, abameli nezintatheli eHong Kong.

Scroll To Top