Kwaba ubuhlakani ukuqopha phansi umlando waKwaMashu


Kwakungekho okuwumlando ngamasonto KwaMashu ngisho nje owesigceme esisodwa okungenani.Akukho lapho ababhali abehlukene basicakulela ngamasonto okuqala kanye nakwezinye izindawo zaboHlanga. Siyothini kuMdali uma singakwazi ngeqiniso okuphambi kwamehlo ethu.
Akukho lapho kuvela khona ukuthi ababhali abehlukene, babezowubhala umlando ngamasonto KwaMashu nakwezinye izindawo zaboHlanga. Emva kokusungulwa kwamasonto ngabezimishini emakhaya, ezindaweni kusabusa amaKhosi aboHlanga ngokwezindlela ezazizinhle zaboHlanga.
Kusobala ukuthi umbhali u-A Manson wasibhalela umlando ngathi, ekhasini le-11,12,13 lomqulu wakhe okuthiwa From Cato Manor to KwaMashu. Nokubukeka sengathi (ngokwami) wayechazelwa ngubaba uCharles Mbutho ubaba kaPat wodumo lamdanso iTapdance wakwa-E
Kunendawo (kwa-E ngasesikoleni iDukemini Lower (Junior) Primary School), okuthiwa Kwamfazushayindoda.Okwakunendoda eyayibukhile,idakiwe, yadukela endlini okwakungeyona eyayo.Yazithela kowesifazane ephakathi kuleyondlu, wayibhaxabula, wayinenebula,yathwisha, yenaba.Kwasukela lapho kwathiwa iKwamfazushayindoda. Yayidukiswe ukuthi izindlu ngowe-1958,1959, zazifana futhi babengakayenzi intuthuko nezinguquko kuzona.
Sithola ababhali uGavin Maasdorp no A. S. B. Humphreys,bencwadi yabo iFrom Shantytown to Township ngocwaningo kusukela kowe-1958 kuya kowe-1973.
Sithola ekhasini le-17,besicakulela ukuthi kwahlinzekwa iziza zokwakha izikole, amasonto,amaholo omphakathi, izinkundla zezemidlalo, izinkulisabantwana, izitolo,indawo yesikhashana yokuhlalisa aboHlanga, okwakuyizindlu ezaziyi-183,lapha Kwamashu.
Ekhasini lama-28, baveza ukuthi aboHlanga babedumisa uMdali besahlala eMkhumbane,babengakwazi ukwenza ucwaningo ekuseni ngesonto.Kwazise abanye babesuke bephumule.Kafushane kuwona womabili amakhasi e-17 nele-28.
Sithole nombhali uSharon F.Griffin, ebhalela uPeter Bird Martin ese-USA zingama-31 kuNdasa kowe-1995.USharon wayenza ucwaningo ngowe-1995 wabalula nasekhasini le-3 ukuthi izikhalo zomphakathi KwaMashu ngowe-1978 zazingakafezekiswa njengoba kwakungowe-1995. Wasicakulela ngesihloko esithi, KwaMashu A Black Township on the Rocky Road to Change.Ukuthi ocwaningweni wayesizwa nguKhosi owayehlala Kwamashu kwa-K.
Ekhasini lesi-3, kafushane uSharon wenaba ngokuthi.Ngokubukeka kwezinto, akukho okusaguqukile. Ucwaningo olunzulu ngelokishi KwaMashu ludala ngempela,kusukela ngowe-1978.
Ucwaningo lukaSharon lwangowe-1978, lwathola ukuthi Kwamashu kwakunezindlu zamasonto ezazingama- 48, zezikole zazingama-36, ikilasi lalinabafundi ababengama-53.Kwakunamaklinikhi ayisi-5, izinkulisabantwana eziyi-12.Yayiyinye indlu yokunakekela, belashelwa utshwala.
Yayi-1, indawo yabasebasha,kube yicinema eyodwa, ezokudlala ibhola ithenisi zaziyi- 6, izinkundladla zokudlala ibhola zazi-11,inkundla yokusiningoma yayiyi-1 kwa-E ngasemaphoyiseni, aboHlanga babethi isengomeni.Zazimbili ezokubhukuda. Zazingekho ezomtapowolwazi namapaki nezindawo zokuphumula.
Sekunezikole okungasufundwa kuzona ngezizathu eziningi.Kanti amasonto asengaphezulu kwesibalo esasibekiwe. Amaholo omphakathi ayakhiwe nguKopeletsheni (uMasipala) asathuthukiswa. Kwakhiwa namaholomphakathi kwezinye izigceme.Sezancipha izinkundla zemidlalo kanobhutshuzwao kanti isiyathuthukiswa iNumber 2 engaseMakhehleni kwa-F.Sezancipha izibalo sezinkulisabantwana, ezazakhiwe ngemizamo kamama uAlbertina babethi “uGikiki” Mnguni.Sekwaba nezitolo okungama- mall nama shopping centre.
Sekunemitapoyolwazi Kwamashu,sekunamapaki nezindawo zokuphumula. Kayisekho isengomeni,kusukela ngowe-2015, mzukwana besusa konke okwakuyizimpawu zokuthi kwakuyisengomeni, okwakuyindawo yokuhlala izethameli neyokusina.
Azisekho izinkundla zethenisi,ayisekho iCinema sekwaba yiChristian Church kusukela kowe-1988. Amaklinikhi okwakuyi Poly namanye aseyizakhiwo esezithuthukisiwe kanye nentsha okuthiwa iCommunity Health Centre, KCHC ngaseNqabakazulu High School.Kwazise iKCHC inamagumbi okulalisa iziguli okwesikhashana ubusuku bonke.