UMantashe ushaya indesheni ezimayini ngokudiliza
UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
UNGQONGQOSHE weziMbiwa naMandla uGwede Mantashe usenxuse izinkampani zezimayini ukuthi zibhekisise kabusha ukudiliza ngaphansi kwesimo somnotho esikhona. Ngeledlule ezinye izinkampani zezimayini zamemezela izinhloso zazo zokudiliza izinkulungwane zabasebenzi ezinyangeni ezizayo.
ISibanye-Stillwater ihlela ukudiliza abasebenzi abayizi-2 382 kanti i-Anglo-American icabanga ukudiliza cishe abasebenzi abali-180.
Ethula inkulumo yokuvala ngosuku lokugcina lwe-Joburg Indaba ebheka umkhakha wezimayini, uMantashe uthe phakathi kwakho konke lokhu, le mboni ikhombise ukuba ngumsindisi wezimali zezwe futhi kumele ivikelwe. “Uma i-fiscus isenkingeni kakade ukumba izimayini kuyavela futhi konga i-fiscus. Lokhu bekucacile futhi kugqamile ngesikhathi sokhuvethe lapho wonke umuntu ethi yonke into iyabhidlika yizimayini eziqhube zaholela ekwakhiweni kabusha komnotho kanye nokusimama. ” kuchaza uMantashe
Umkhakha wezimayini waseNingizimu Afrika ubulokhu uwohloka kancane kancane kule minyaka engama-30 edlule. Kodwa-ke, amanani entengo empahla aphezulu awusimeme umkhakha. Enkulumeni yesabelomali ngoNhlolanja, uMnyango Wezezimali Kazwelonke umemezele ukuthi imali engenayo izodlula imali engenayo ngenzalo okokuqala ngqa kusukela ngowezi-2009 njengoba ukukhuphuka kwentengo yempahla kukhuphule imali engenayo.
Kodwa isithombe samanje asisihle kuwo womabili umkhakha kanye nezezimali ngenxa yenzuzo ephansi. UNgqongqoshe usenxuse izinkampani zezimayini ukuthi zivikele imisebenzi njengoba izwe liqhubeka nokubhekana nezikhathi ezinzima zomnotho. Ezinye zezinkampani ebezikwi-Joburg Indaba seziqalile ukusebenzisa isigaba se-189 mayelana nokudilizwa.
“Izwe lethu libhekene nesikhathi esinzima ngenxa yokukhuphuka kwezindleko zokuphila okubhebhethekisa ukungalingani kokuntuleka kwemisebenzi ngakho-ke kulindeleke ukuthi imboni iqhubeke nokonga imali nokudala amathuba emisebenzi adingeka kakhulu futhi ngifuna ukukhuthaza imboni ukuthi ibe manqika ukudiliza. abasebenzi kalula phakathi nesikhathi esinzima.’ Kuchaza uMantashe
UMantashe uthi lesi senzo siyimpi yomnotho nobuqotho bomkhakha wezimayini. “Ukumba izimayini ngokungemthetho kuyisenzo sobugebengu, akuwona umsebenzi wezimayini ngakho-ke uma kukhona abantu abasebenza ezimayini ngokungemthetho angiyena uNgqongqoshe wabo, ngiwuNgqongqoshe wezokuMbiwa Phansi oNgqongqoshe uBheki Cele noThandi Modise yibo ababhekana nalolodaba. Lena impi yomnotho futhi kumele ihlaselwe kanjalo yiqembu lezokuphepha. Kufanele sisebenzisane nemboni ukwenza lokhu kwenzeke.”
Uphinde wanxusa ukuthi kuvikelwe izinsiza zamalahle kanye nokusebenzisana kakhulu nabasebenzi namabhizinisi ukuze kuvikelwe imisebenzi futhi kubhekwane nezinselele ezikhona kwa-Transnet kanye no-Eskom.