Ngaphandle kokuba isimomondiya unekhono “uJola”
Kungekudala uzophinde abonakale futhi kweminye yemidlalo ewuchungechunge umlingisi owazifaka ezinhliziyweni zababukeli abaningi bomdlalo osuwavalwa iSibaya. Okwamanje abaphethe izindaba zikaGcina Mkhize bafihle induku emqubeni ngomdlalo azovumbuka kuwo. Abalandeli bakhe bazomkhumbula elingisa indawo ka”Jola” kuSibaya eyinkosikazi kaGatsheni. Ngaphandle kokuba isimomondiya neqhathanzipho, okumakhela kakhulu ugazi ikhono lakhe lokulingisa.
Uma kukhulunywa ngabalingisi abavelele eNingizimu Afrika alikwazi ukusala ngaphandle igama likaGcina. Lo mlingisi ubalwa nabaningi abayibekile induku ebandla kulo mkhakha ezweni. Waziwa kakhulu emdlalweni owashisa izikhotha owawukhonjiswa kuSABC 1 iGaz’lami edlala indawo kaFoxy.
Akagcinanga lapho uphinde wabonakala emdlalweni owawukhonjiswa ku e.tv Umlilo elingisa indawo kaRhulani. Emdlalweni Ekasi: Our Stories wayedlala emdlalweni “iFour Room”(Season 2). Le ntokazi ehleka kuvele elomhlathi, yazalwa zili-17 kuMbasa ngowe-1973.
Ikhono layo kwezokulingisa lenza yazuza imiklomelo ehlukahlukene, kweminye igama layo laphakanyiswa. Izuze umklomelo iGolden Horn Award for Best Supporting Actress, uphinde waphakanyiswa kumklomelo iBest Actress.Uphinde wazuza umklomelo ngaphansi kweSouth African Films and Television Award ngokuba umlingisi ovelele kumdlalo owuchungechunge iSibaya edlala indawo KaMajola engunkosikazi kaGatsheni osebenza emahhovisi akomkhulu enkosini.
Echaza emuva kokunqoba umklomelo weSAFTA wathi, “Inkulu ingcindezi njengoba nginqobile, esikhundleni sokuba ngijabule ngizithola sengidlulile e kulokho sengisebenza kakhulu nakuqala.” Lo mlingisi waqeqeshelwa ukulingisa esikhungweni iSoyikwa Institute of Drama. Uthi yilapho kwavela khona nothando lwakhe lokudansa njengoba ebuye abe ngumdansi. Uthi uthando lokulingisa lwamfikela esafunda ibanga likaStd 9 osuwaziwa ngoGrade 11. Uthi wayezibona nje evele kuthelevishini futhi konke okwenzekayo kusaya ngawo amaphupho nezifiso zakhe.