Now Reading
Amagalelo oMntwana uZeblon Zulu
Dark Light

Amagalelo oMntwana uZeblon Zulu

Ngiyafisa ukuchoma uMntwana uZeblon Zulu uphaphe lwegwalagwala ngomsebenzi omuhle awenzele iNdlunkulu ngisho esaphila uMdlokombane. Ukuqoqa umlando waseNdlunkulu uMntwana uZeblon akwenzile kufakazelwa izincwadi azishicilelile kwasiza kakhulu ngesikhathi kudingeka umuntu onolwazi ngemidanti yokungena kweSilo esibayeni. Ngenhlanhla enkulu wakuncela waphinde wakucwaninga wabe esekubhala phansi. 

Ukuvelela kolwazi lukaMntwana uZeblon kanye ikakhulukazi ukudweba ipulani kanye nokuhola ithimba elakha isibaya lapho iNgonyama uMisuzulu yagcotshelwa khona kwaba nomthelela wokuheleza komoya omuhle phakathi koMntwana waKwaPhindangene kanye noMntwana uZeblon. 

Akugcinanga ngokuheleza komoya wokuzwana nokubambisana, kwaphinde kwaba nezigigaba bobabili babekhuluma bencomana ngamagalelo abo njengabantwana. Lesigigaba ngisiphawula ngabomu ngoba kuyaziwa ukuthi abantwana bebesonta kumasonto amabili ahlukene ngokwepolitiki.

Kwakungazange kucatshangwe ukuthi ngolunye usuku bobabili bayozwakala betusa ukuzinikela kwabo endlunkulu. Ngiyambonga uJehova ukuthi nami ngibe nesandla ekugqugquzeleni umoya omnandi kulabantwana baseNdlunkulu ababamba iqhaza ekungeneni kweSilo uMisuzulu esihlalweni sobukhosi.

See Also

Ngeke ngigeqe amagula ngisho ukuthi ngenzani, kodwa sekuyangicacela ukuthi uMntwana waKwaPhindangene ezinyangeni cishe ezintathu wayeqonde ukuthini uma ethi ngiyisibusiso esizweni. Kimi isibusiso kwaba ukudlulisa kobabili uMntwana waKwaPhindangene kanye noMntwana uZeblon amazwi amnandi ayephuma emilonyeni yabo bencomana ngeqhaza abalibamba odabeni lokungena KweNgonyama uMisuzulu kaZwelithini esihlalweni sokuphatha. 

Uma njengamanje kukhona umuntu okufanele iNgonyama uMisuzulu imusondeze eduze kwayo ukuze idodiseke kokuningi okungaba inselelo, lowomphefumulo uMntwana uZeblon Zulu. Angikhathalele ukuthi iNgonyama imjuba ukuba adlale yiphi indima. Okubaluleke kakhulu ukuthi iNgonyama uMisuzulu imsondeze eduze kwayo uMntwana uZeblon.

Scroll To Top