Now Reading
Uyayazisa iNingizimu Afrika kwimpumelelo yakhe
Dark Light

Uyayazisa iNingizimu Afrika kwimpumelelo yakhe

Uzobusisa abantu baseMozambique ngesipho esingavamisile umzwilili wakuleliya lizwe ngesikhathi samaholidi kaZibandlela. U-Ivannea Mudanisse uthathe isinqumo sokuhlela uchungechunge lwamakhonsathi esifundeni azalelwa kuso iMaputo ngenhloso yokubonga abantu balapha ngokumeseka endleleni yakhe yomculi. Kuleli dili kunabaculi baseNingizimu Afrika okuthiwa amagama abo azokwaziswa uma sekusondela leli khonsathi okuzongenwa kulo bhusende.

ElaboHlanga phambili lake labhala ngamagalelo alo mzwilili umculo wakhe oneqhaza ekubumbeni izwekazi U-Ivannea uyisizukulwane esisha samaciko aseMaputo eMozambique, kodwa angakhohliwe yimvelaphi yawo. Le ntokazi yazalwa ngoMfumfu we-1979 ngesikhathi sokubusa kukaMengameli uSamora Machel futhi wazi kahle ngeqhaza elabanjwa yilo Mengameli emzabakazweni wenkukuleko kula mazwe.

Uqale ukucula ngowe-2005 esekwa ngozakwabo ngoba ngokwakhe wayengaziboni ephumelela kulo mkhakha. Ingoma yakhe yokuqala eyayibizwa ngokuthi “Haterz” yasusa omkhulu umsindo ngoba yayihlanganisa ipolitiki yakudala iqhathanisa nesikhathi osekuphilwa kuso manje, umyalezo kuyo wawugxile kubantu abanamagqubu nokungafuni ukudlulisa. Emuva kwale ngoma akabange esabheka emuva, ngoba ube esededela i-albhamu enezingoma ezili-12. Iqhaza nempumelelo yakhe emculweni ibonakele lapho eqokwa khona ngowe-2007 kumaChannel O Music Video Awards ngaphansi komunxa we“Best Female Video”, “Best Video of Southern Africa”, “Video of the Year” ne “Best Director Video”.

See Also

Lapho wakhala wemuka nezindondo eminxeni emibili okuyi: “Best Femenino video”, ne“Best video of Southern Africa” Kusukela lapho iziteshi zomculo eMozambique zimhloniphe ngokudlala kakhulu umculo wakhe, okwenze waziwa nase-Afrika yonkana ikakhulukazi e-Afrika eseningizimu. Useke washiyelana inkundla nezingwazi zabaculi emhlabeni njengoKelly Rowland waseMelika, uDJ Cleo kuleli nabaculi baseNigeria. Uphinde wahlonishwa ngomklomelo I Mozambique Music Award ngokuba umculi weRap ohamba phambili ezweni.

Scroll To Top