Kusenenselelo ngamakhambi esintu kuleli kodwa sekuntwela ezansi


Amakhambi esintu ayingxenye yomlando wamasiko wabantu abaningi e-Afrika ngokwendalo. Ngaphandle kokwenza ihaba kuhlawumbiselwa ukuthi bevile kumaphesenti angama-80 abantu kuleli zwekazi abasebenzisa amakhambi esintu. Lapha akusakhukunywa nje kuphela ngaboHlanga, kodwa sekufakwa nezinye izinhlangano njengabaMhlophe, amaNdiya nabanye.
Ocwaningweni olusanda kwenziwa kutholakale ukuthi ziningi izizathu ezenza abantu ngokwahlukana kwabo bakhethe ukusebenzisa amakhambi esintu ngaphezulu kwawasentshonalanga. Esinye salezi zizathu esigqama kakhulu kuba ukuthi kufinyeleleka kalula ezindaweni ezinabelaphi besintu, izindleko zokuya kodokotela basentshonalanga nokukholelwa nje ekutheni lokho umuntu akhuliswe ngakho yikho okuncono.
Njengoba kuya ngokukhula ukubhekelelwa nokwaziswa kwabelaphi bendabuko, nenhlangano Yezempilo Emhlabeni, iWorld Health Organisation iphinde yashayelela isipikili muva nje. Emhlanganweni wale nhlangano ngoNcwaba nonyaka udaba labelaphi bomdabu beliphezulu. Ngisho nengqikithi yalo mhlangano eyabe ithi, “Health and Wellbeing for All” yabe ikugcizelela ukuthi abelaphi bomdabu bangashiywa ngaphandle ezinqumweni ezithathwayo. Uma sibheka eNingizimu Afrika, amakhambi esintu asetshenziswa kakhulu kuleli.
Izibalo zikhomba ukuthi bafinyelela kumaphesenti angama-60 abantu bakuleli abasebenzise amakhambi esintu njengento yokuqala efika emqondweni kubo uma bedinga usizo lokwelashwa. Kukhona ukukhuluma okuthi ukugcwala kwezibhedlela nemitholampilo kunomthelela ekutheni sande isibalo sabantu abagcina sebephephela ezinyangeni nakubathandazi. Muva nje sekwandile ukubelethela kwabantu emakhaya okuyinto ebingasavamile. Lokhu ngokusho kwabenza uphenyo kudalwa ukuthi owesifazane ozithwele ulinda isikhathi eside lapho esikwa i-ambulensi ingafiki. Kokunye kuba ukuthi noma esefikile esibhedlela okanye emtholampilo atshelwe ukuthi imibhede iyashoda.
Kukhona konke ukukhuluma kuyavela ukuthi ziseziningi izingqinamba ezisabhekene nabelaphi bendabuko nokuthi amakhambi abo amukelwe ngokugcwele ohlelweni lokwelapha. Okunye okuvelayo ngokuthi abukho ubufakazi besayensi okanye into ebambekayo ekhombisa ukuthi nembala imithi yabo iphephile futhi iyelapha. Okunye okushiwoyo ukuthi ayinazo izilinganiso okanye izikalo. Umuntu utshelwa ukuthi akaphuze ilungu lomunwe okuyinto engaba yingozi ngoba kungenzeka eqise kuye ngokuthi ilungu lakhe lomunwe lingakanani. Enye inkulumo enyusa izinhlonzi ngethi ukwamukelwa ngokugcwele kwabelaphi bendabuko kungavukuza nezigilamkhuba ezingangena ngenxeba zigile abantu. Sekuke kwabonakala ikakhulukazi emazweni aseNhla ne-Afrika kuvela abelaphi bendabuko abathi bakwazi ukuvusa abantu abafile. Abanye bathembisa abantu ukuthi bangabuyelwa izithandwa zabo okanye bawine izizumbulu zemali bebaphuzisa imithi engombombayi.