Selihlobe ngehlazo okwembuzi izwe
UMfowakwaNomajalimane ungungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho. UnguMhleli Omkhulu noMshicileli weBayede.
KUKHONA ukuvumelana ekutheni umzabalazo waboHlanga eNingizimu Afrika wabe wakhelwe esisekelweni sobuqotho. Wabe uholwa ngabantu, aMakhosi, amafelankosi kanye nabaholi bamaqembu ababenomlando wokulesaba ihlazo. Bonke laba kwabe kungabantu ababenyanya ingcindezelo kanye nobandlululo nababekuthatha njengechilo elabe libhekiswe kwaboHlanga ukuthi bacindezelwe baphendulwe izinqibi ezweni lawokhokho babo. Ngenxa yalokhu kuma mpo kwabaholi kanye naboHlanga umhlaba wonke wavumelana nomzabalazo wabo ekutheni nembala ubandlululo lwabe luyichilo nobugebengu obabe bubhekiswe esintwini. Lona kwabe kuwumzabalazo wabesilisa nabesifazane, abasemakhaya nabasemadolobheni ababehloniphana futhi bamukela ukuthi basemgodini owodwa okumele kungaphumi oyedwa kuwo kepha okumele baphume bobabili ukuze banqobe isitha.
Ekulwisaneni nomzabalazo waboHlanga umbuso wamadlagusha wakwenza konke ukulinga nokuthena abaholi nomphakathi jikelele amandla okuqhubeka nokulwa. Phakathi kwezithiyo owabe uzibeka kwabe kukhona ijele, ukudingiswa kuthi manxa likulahlile kube wukufa. Kepha khona kunjalo baqhubekile aboHlanga bawufuqa baphinde bawuhlonipha umzabalazo wabo.
Inkambiso enobulungiswa
Nokho lo mlando wenkambiso enobulungiswa uya ngokuya ushabalala ngenxa yalokho okubikwayo, okuphenywayo nokugcina kuchithe abaholi abaphezulu kanye nezisebenzi. Kuyinamuhla iNingizimu Afrika ingeyama-73 ngokukhohlakala emazweni ali-175, ngokweCorruption Perceptions Index yangowezi-2018 okubikwe abeTransparency International Corruption Rank in South Africa okulinganiselwa kuma-51.39 ngokwamaphuzu kusuka ngowe-1996 kuze kube ngowezi-2018 lapho ifika khona kokungaze kubonwe ibe ngeyama-73 ngowezi-2018 namaphuzu aphansi angama-23 ngowe-1996.
Yize isikhathi esiningi izenzo zenkohlakalo zihlale zibikwa eminyangweni kaHulumeni kanye nakubaholi bepolitiki, ucwaningo luyaveza ukuthi inkohlakalo isidlavuze cishe wonke umphakathi, izinhlaka kanye nezikhungo ezweni. Kusuka ezindaweni zokukhonza kuya ezikoleni imibiko ithi kuyabhujwa. Ngokombiko weCorruption Watch ukukhwabaniswa kwemali yezikole kukhuphukile. Ocwaningweni olusuka mhla lulunye kuMasingana kuya mhla lulunye kuNhlangulana ngowezi-2017. Kuphinde ngomhla lulunye kuMasingana kuya kuNhlangulana wezi-2018 isibalo sikhule nangamaphesenti sisuka kuma-14.% sakhuphukela kwangama-35.5%. Kulokhu kuthinteka othishanhloko, izigungu zokuphatha (SGB). Omunye umsanka okhonjwa kwezemfundo ngothinta ukuqashwa kothisha nosekubhalwe imiqingo yemibiko ngakho. Isililo sithinta nezinyunyana okuthiwa amanye amalungu azo agila imikhuba libalele, aqashane wodwa akhiphe kokunye angabafuni ezikhundleni. Lokhu kuthiwa akwenzeki nje ezikoleni kepha nakuwo uMnyango uqobo. Isinqumo seNkantolo YoMthethosisekelo ngonyaka wezi-2013 odabeni olwabe luthinta uMnu uNkosinathi Lawrance Khumalo kanye noMnu uRitchie v uMphathiswa weZemfundo KwaZulu-Natal nokuyilapho laba ababili babethi iNkantolo ayivume ukuthi baqashwe yize lokho kuqashwa kwabe kunamathizethize. Leli cala yize kwaba nesivumelwano kepha laveza ukujula komsanka kwezemfundo. Umufi uMnu uNkonzwenhle Mqadi odlule emhlabeni ngonyaka owedlule waba sematheni ngesikhathi ephumela obala. UMqadi, owathi wakhishwa ohlwini lwezisebenzi emveni kokuba enqabe ukuqhubeka akhokhe i-R1 000 ngenyanga kuThembekile Makhanya oyilungu lekomidi eliphezulu leSadtu KwaZulu-Natal. UMqadi, owanikeza ubufakazi bale nkohlakalo kuKhomishini kaVolmink, akazange abuyiselwe emsebenzini noma akhokhelwe yize kwaba nesiqiniseko ukuthi lokhu kwakuzokwenziwa.
UMqadi kwabhalwa ngaye ngokuveza ukuthi ukhokhele isikhala sokusebenza eSophie Phewa Primary School eFolweni kuMakhanya, lapho athi wasebenzisa isikhundla sakhe sokuthi akhishwe ohlwini lwezisebenzi emveni kokuyeka ukukhokha abesekwenze izinyanga ezili-12. “Ngithathela uMnyango Wezemfundo izinyathelo zomthetho ngokungixosha ngokungemthetho, esikwenze izikhawu ezimbili, nangokubuyiselwa kwami emsebenzini. Ngithole izincwadi zokuqashwa kodwa angikaze ngihole kusukela ngoMfumfu wanyakenye. AnginaMedical Aid nomdlavuza uthe bhe. Isimo sami asibekezeleki,” kuzikhalela uMqadi. Wabuye wabhala incwadi wayiqondisa kuMvikeli WoMphakathi enxusa ukuba angenelele.
Nalapha kuyabhujwa
Embikweni weCorruption Watch abanye sebeke babika ekutheni inkohlakalo idla lubi komasipala kusuka kumathenda nasekuqashweni kwabantu abangena ngendlela efohlayo. Kulokhu kuthinteka amakhansela nezisebenzi. Lapha inkohlakalo iyakhonjwa nasekwabiweni kwezindlu zomxhaso, ukukhokhelwa kwamalayisense ezakhiwo nezimoto njalo njalo.
Uma ubucabanga ukuthi uzothi ungezwa eyenkohlakalo bese wethemba ukuthi labo abafungela ukugcina umthetho bona bangcono, ushaye phansi ngoba umunwe uyakhomba nangakubo. Ngokombiko emacaleni angama-28.9% okugwazisa kuvela ukuthi amaphoyisa yiwo acosha amavenge. Inkohlakalo eyejwayelekile iyakhonjwa nakulabo abathola isibonelelo sezingane, sokukhubazeka nabakhulile. Imibiko ingena ingenile yabantu okuthiwa babanjwe noma banqanyulelwe imali abebeyihola ngokungemthetho lapha kuthinteka ngisho nodokotela okuthiwa yibo ababhala izitifiketi zomgunyathi.
Izethulo eziqhubekayo kuKhomishini ephenya ngezinsolo zokugwamandwa kombuso ziveza okushaqisayo. Okukhulu ukuvela kokuthi akubona osopolitiki bodwa abagila imikhuba kepha nalabo abasemabhizinisini kanye nezinkampani ezinkulu ziyathinteka. Yize kusesekuseni kepha kukhona ukuhhomuzela ngamabhange nokuthiwa le mali ekhwatshaniswayo igqunywa kuwo.
Ichilo lokubulawa kwabantu okubalwa osopolitiki nezisebenzi komasipala lenza lelizwe lidume kabi. Isifundazwe iKwaZulu-Natal yiso ebeside siyinjolozela kulokhu. Kanti namalumbo enziwa yilabo abazibiza ngabaholi bezenkolo kukhomba khona ukuthi izwe lihlaseleke ngokuxakile njengoba izinsolo zokudlwengula, ukushaya, nokuqola amakholwa ikakhulukazi aboHlanga kukhonjwa kuwo amabandla.
Ubudlova ezikoleni lapho othisha bezithola bedudulana nabafundi kubikwa ngakho okunye kuvele ezinkundleni zokuxhumana. Kwezinye iziwombe kugcina kulahleke nemiphefumulo njengoba kwenzekile kwaNgqondonkulu eThekwini lapho umfundi edubuleke khona. Ukubhujiswa kwempahla kuyahambisana nalesi simo nokuyilapho kuchitheka izigidi zemali.
Osekuchuma
Elinye ichilo elibikwa kuleli cishe nsukuzaphuma wukuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane. Ekuhlukunyezweni kukhona ukubulawa kwabesifazane ngabathandana nabo, ukudlwengulwa kwabesifazane bayo yonke iminyaka, nokufakwa kwabo ingcindezi ukuthi bagcine sebengogingqwayo ukuze bathole imisebenzi noma bakhushulelwe ezikhundleni.
Lokhu kufakwa ingcindezi nokudlwengulwa kwabesifazane kulezi zinsuku kubikwa ezikhulwini zeqembu elibusayo nezibekwe izinsol.o ezinzima. Muva nje obekwe lezi zinsolo nguMnu uZizi Kodwa nonomlando omude ezinhlakeni zentsha kaKhongolose nasekubeni ngumlomo weqembu nomengameli. UKodwa osolwa ngowesifazane ngokuthi wamphambanisela ezinkambeni nokwathi angayenda, azumeke uKodwa wabe esengena esibayeni somnumzane. Yize uZizi ekuphika lokhu ekubiza nangetulo, imilomo iyavunana ekutheni umoshile. Akumi ngaye ukuba asolwe ngoba omunye oseqenjini nasebenza naye uMnu uPule Mabe nakuye kube ngesifanayo ngesikhathi esolwa ngesenzo esihumusheke ngokufaka ingcindezi osebenza ngaphansi kwakhe. Yize ikomiti langaphakathi kuKhongolose lisichithile isikhalo sowesifazane, uthe uyaphikelela ngoba ukholwa wukuthi akushoyo kuyikho. Zonke lezi zigameko yize ezinye kuseyizinsolo zikhomba isimo izwe elibhekene naso kule minyaka engama-25. Zikhomba khona ukuthi amachilo alo lonke uhlobo aseba yisiko kokukunye aze ajwayeleke.