Kuvuke impethu endala yokucwaswa kwabadlali boHlanga phesheya
Ukucwaswa kwabadlali boHlanga emaqenjini aphesheya kwezilwandle kuthathe elinye igxathu ngesikhathi isihlabani seNapoli uVictor Osimhen evele waphukula wangalibhiyozela igoli lakhe.
Kulo mdlalo wangoLwesithathu iNapoli ibibhekene ne-Udinese. Kuyiwa kulo mdlalo nje u-Osimhen ubengaphansi kwengcindezi emuva kokuba ehluleke ukushaya iphenathi emdlalweni wangempelasonto bebhekene neBologna. Emuva kokuhluleka ukubhakuzisa inethi, ozakwabo eqenjini bamhlekile kwaba khona nabakhuluma amazwi anokucwasa. ividiyo yakhe ebonakala ehluleka ukushaya igoli isabalale ezinkundleni zokuxhumana, abalandeli bephawula ngokuhlukahlukana.
Lesi senzo simcasule kakhulu lo mdlali okuvele nokuthi uvele usefuna ukulishiya leli qembu ngenxa yokungaboni ngasolinye nezikhulu zalo nabanye ozakwabo.
Kuvela ukuthi kube yilo iqembu elisabalalise ividiyo yakhe ezinkundleni zokuxhumana. Kule vidiyo kubonakala abanye abadlali befa yinsini, abanye bembiza ngomnqolo. Lesi senzo sivuse ukukhuluma kweminyaka ngendlela abadlali boHlanga abahlukunyezwa ngayo emaqenjini aphesheya. Emuva kwale vidiyo u-Osimhen usabise ngokuthi uzothathela iNapoli izinyathelo zomthetho.
U-Osimhen ungumdlali oyisethenjwa kuNapoli futhi ubambe iqhaza elikhulu ekutheni leli qembu liphinde likhale lemuke nesicoco seSerie A ngesizini edlule okwesithathu kuphela emlandweni. Lo mdlali uhlonishwa kakhulu eNigeria okwenze lesi senzo sathukuthelisa neligi enkulu yakuleliya lizwe.
Kwelakubo usezingeni labadlali bomhlaba njengoLionel Messi nongasekho uDiego Maradona. Ukufaniswa kwakhe noMaradona kwafakazelwa nawukuthi abalandeli bamjabulise ngezingoma ebezigcinelwe uMaradona. Kepha ubudlelwano phakathi kwakhe nekilabhu sebuzoba muncu ngemuva kokuthi i-akhawunti esemthethweni yeqembu iTikTok ithumele le vidiyo esabalele umhlaba wonke.
Abanye abadlali base-Afrika asebeke bathwala kanzima eminyakeni edlule uDidier Drogba wase-Ivory Coast owayedlalela iChelsea, u-Ivan Toney odlalela iBrentford, uNaby Keita owayedlalela iLiverpool waseGuinea. Kukhona nokucwaswa kwabadlali bakwamanye amazwe njengo, Davinson Sanchez waseSouth America, uMarcus Rashford odlalela iManchester United.