Now Reading
Azilibonanga ezasekhaya kuNedbank Golf Challenge
Dark Light

Azilibonanga ezasekhaya kuNedbank Golf Challenge

Umncintiswano wegalofu onedumela elikhulu kunayo yonke e-Afrika, iNedbank Golf Challenge (NGC) edlalelwa eGary Player Country Club eSun City, isaqhubeka nokuphunyelelwa abangaphandle kweNingizimu Afrika.

Yize kuke kwanethemba lapho umdlali waseNingizimu Afrika, uZander Lombard, ezihola phambili ekupheleni komzuliswano wesithathu, lo mdlalo walo nyaka ugcine ngokuphunyelelwa yiNgisi uTommy Fleetwood. UFleetwood nomdlali waseSweden uMarcus Kinhult baqede umzuliswano wokugcina belingana ku-12 Base beqhathwa bobabili kuwafa wafa lapho kuphumelele khona uFleetwood emgodini wokuqala owengeziwe. UZander Lombard ugcine eqeda ngo-6 ekumenze walala isishiyagalombili.

Omunye umdlali oke wathembisa ukuthi le ndebe angayigcina ekhaya uLouis Oosthuisen oseke wadla umhlanganiso emincintiswaneni ehlonishwa kakhulu ikakhulukazi iThe Open eyayaziwa ngeBritish Open. Kepha ugcine elele isithupha ngo-7.

Ngendlela ekube kubi ngayo kubadlali baseNingizimu Afrika, babeyisithupha kuphela abaqede kwabaqede bakweliswa ohlwini lwabangama-20 bokuqala. Ngokomlando akuwona umncintiswano obaphatha abadlali baseNingizimu Afrika. Kwagcina ngo-2017 ukuthi umhlanganiso udliwe umdlali walapha ekhaya ngesikhathi kuphumelela uBrendon Grace. Eminyakeni engamashumi amathathu adlule abadlali baseNingizimu Afrika basaphumelele amahlandla ali-10 kuphela kulo mncintiswano. UDavid Frost no- Ernie Els basaphumelele kathathu ngamunye kule minyaka engamashumi amathathu adlule.

See Also

UFleetwood ukhale wemuka nezigidi ezi-$2.5. Lesi isicoco sesibili sikaFleetwood kuchungechunge lweRolex. Lokhu kunqoba kwakhe iNedBank Gold Challenge sekumbeke endaweni yesibili ekuklelisweni kwabadlali abazodlala umqhudelwano wokuvala unyaka iRace to Dubai. Kuphinde kwambeka emathubeni okuba yingqwele okwesibili ku-European Tour Championship. Ukuze azuze lokhu kuzofanele aqale adle umhlanganiso kuDP World Tour Championship eqhubekayo eyoze isongwe ngesonto.

Scroll To Top