URamaphosa wenekele isizwe ngokwakamuva kuleli



UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
UMengameli uCyril Ramaphosa uthe iNgqungquthela yeBRICS ithathe isinqumo sokuthi abaphathi bamabhange amakhulu emazweni angamalungu kufanele bacabangele ukusetshenziswa kwezimali ezahlukene ekuhwebeni kwamazwe ngamazwe.
Ubekhuluma nesizwe ngemiphumela yalomhlangano obungenyanga edlule eGoli. URamaphosa uthe omunye umphumela obalulekile wale ngqungquthela yisinqumo sokwandisa amalungu eBRICS ahlanganise i-Argentina, Egypt, Ethiopia, Iran, Saudi Arabia, e-United Arab Emirates.
Wengeze ngokuthi abaholi bamazwe angaphansi kweBRICS bavumelene ngokuthi ukubaluleka kweBRICS kudlulele ngale kwezidingo zamalungu ayo akhona manje futhi baphinde bavumelana ngokuthi iBRICS ingaba yimpumelelo futhi ibe nomthelela omkhulu ngokwakha ubudlelwano namanye amazwe anezifiso nemibono ehambisana nayo.
“Ngokwenyuka kwesibalo samazwe angaphansi kweBRICS, sizokwazi ukuhlanganisa kangcono amazwi alawo mazwe afuna ukubusa okunobulungiswa komhlaba, ezezimali, ukutshalwa kwezimali kanye nohlelo lokuhweba olusekelwe emithethweni ecacile esebenza ngokulinganayo kuwo wonke amazwe. Ukwandiswa kwe- BRICS kusho nokuthi sizokwazi ukuthumela eminye imikhiqizo yethu ezimakethe ezinkulu futhi, ngenxa yalokho, sizokwazi ukukhiqiza eminye futhi sidale amathuba emisebenzi amaningi. Nakuba iBRICS eyandisiwe izoba yingqwele ebalulekile yeGlobal South, iNingizimu Afrika izohlomula ebudlelwaneni bayo nala mazwe. Ehlangene, lawa mazwe akha cishe ingxenye yesithathu yomnotho womhlaba futhi ayikhaya ku-46% wabantu bomhlaba.
Izinsolo zokuhlinzeka ngezikhali
URamaphosa uthe izinsolo zokuthi iNingizimu Afrika ihlinzeka ngezikhali iRussia ngesikhathi kunempi phakathi kweRussia ne- Ukraine zidicilele phansi isithunzi sezwe, umnotho wayo kanye namandla emali.
Inxusa laseMelika eNingizimu Afrika, uMnu uReuben Brigety, ngoNhlaba wathi iNingizimu Afrika inikele ngezikhali kwiRussia nokuholele ekutheni uMengameli Ramaphosa aqoke ithimba elizophenya ngalezi zinsolo.
URamaphosa uthe umbiko wesigungu uqinisekisa ukuthi iNingizimu Afrika kayikwenzanga lokhu esolwa ngakho. “Izinsolo ezibhekiswe ezweni lethu zibe nomthelela omubi kakhulu emalini yethu, emnothweni wethu nasekumeni kwethu emhlabeni.”