Umlando kafushane nemvelaphi ngezimo ezithile kuZulu



UMehluleli uMjabuliseni Isaac Madondo oyiPhini likaMengameli WamaJaji KwaZulu-Natal nongumbhali wencwadi…
ISihlalo soBukhosi sedluliselwa eNgonyameni elandelayo. Kunenduku yoBukhosi eyaziwa ngokuthi isimiso soBukhosi, iNkosi iyaye iyiphathe uma yenza noma yengamela imikhosi yesizwe. Leyo nduku nomkhonto weNkosi ekhotheme kuyaye kudluliselwe eNkosini elandelayo ukuze iqhubeke ibuse ngakho isizwe. Indlalifa ayikwazi ukubusa ingazitholanga lezi zinto.
INkosi njengeSilo nje, sikhulekelwa ngokuthi kuthiwe, “Wena weNdlovu! Bayede! Uma kuyinduna noma iNkosi nje yesizwe esithize ngaphansi kweSilo, ikhulekelwa ngesithakazelo sakubo. Uma kweyakwaNgubane kuthiwa, Mbomvu Somahhashi njalo njalo. Igama elithi “Bayede” lisukela kwelithi “Bayethe” sibalindele sikulungele ukulwa nabo. Lokhu kwakushiwo ngamabutho ekusho eNkosini yawo njengenhloko yawo ukuthi ayizilethe izitha azilindile. Uma sekuthiwa, Bayede uyiZulu, lokho sekwahlukile sekusho ukwamukela ukubuswa nokuzithoba ngaphansi kombuso weNkosi esilinganiswa nezulu ngobukhulu besikhundla sayo. Lokhu kukhuleka kwenziwa kuphela eSilweni noma eNgonyameni.
INgonyama kuthiwa ngumlomo ongathethimanga, lokhu kusho ukuthi okusuke sekuphumile emlonyeni wayo kuyiqiniso kufanele kufezwe yiyo nabantu bonke.
Umuzi wesintu
Maphakathi nendlu yesizulu kuneziko lapho kubaselwa khona umlilo kuphekwe ukudla okuzodliwa ngamalungu ekhaya, kothiwe uma kunamakhaza. Kuyilapho futhi izindaba zekhaya ziphelela khona. Le ndawo ifaniswa nesizalo, besekuthi insika engenhla kweziko ifaniswe nenkaba yengane.
Ngokwenkolo yesintu iyona exhumanisa abantu abaphilayo nezulu, okuyilo elingumsika wempilo yobuntu. Ngakhoke iziko lithathwa njengesizinda sokukhiqiza impilo yomuntu kanye nokuvikelela, endlini yesintu kunendawo okuthiwa ngumsamo.
Le ndawo iyindawo ebalulekile kakhulu kunoma ngumuphi umuzi woMzulu osaqhuba isiko. Le yindawo nje engemumva kwensika engenhla kweziko endlini yesintu noma kulawondi, ihamba njalo ize iyoshaya ofindweni lwendlu lapho iphela khona indlu , enhla nayo. Le ndawo ibaluleke ngokuthi yiyona ndawo lapho zonke izinto eziligugu zibekwa khona, ethala. Uma kuhlatshiwe imbuzi yilapho inyama yayo ihlonywa khona. Incekwa, inyongo nokunye okufanele kuqashelwe kubekwa khona.
Emsamo yilapho kucatshangwa ukuthi izinyanya noma amathongo omuzi ahlala khona. Kuyilapho abantu abadlala bomuzi besilisa bekhuluma khona nabaphansi, kushiswe impepho. Yilapho futhi okuthi nxa kuphiswe utshwala kubekwe khona, okuthiwa ngobabaphansi, obubizwa ngomamsamo.
Kukhona futhi nomsamo wezinyanga noma izanusi okue kuthi nxa umuntu efuna ukubhulelwa noma ukwelashwa ayekhona. Ngaphandle kwendlu, eduze komnyango, kunesihenqo esakhiwe ngomhlanga esimele umsuka nesizinda sempilo. Umhlanga umele ukuthi sadabuka ohlangeni. Uthango oluzungeze umuzi lumele ukugcina komhlaba nokugcina kokuphila komuntu. Ngaphakathi kothango kukhona isibaya esimele impilo yesibili yom-Afrika.
Isibaya indawo ebalulekile kumZulu sithathwa njengendawo engcwele emzini ngomuzi. NeNkosi yesizwe yilapho yayidingidela khona izindaba ezinzulu zokuphatha kwesizwe. Noma kugcagcwa umabo wenzelwa esibayeni njengomkhulu lomuzi nomuzi. Noma kuhlatshiwe emzini kubuswa noma kubuyiswa othile khona.
Uma kusikwa amahawu, asikelwa khona esibayeni. Siyindawo lapho kulala khona izinkomo. Izinkomo empilweni yomAfrika zibalulekile isibili, zingumnotho womuzi intuthuko nokudlondlobala kwempilo.
Ukuba khona kokufa ngokwamaZulu
Ukuba khona kokufa amaZulu akuchaza ngokuthi uNkulunkulu wathuma unwabu ukuthi luyotshela abantu ukuthi ngeke bafe. Ngemumva kwalokho wathumela intulo ukuthi iyotshela abantu ukuthi bayokufa.
Endleleni unwabu lwafica ubukhwebezane (berries) lwalibala ukudla bona. Kwathi selufika emhlabeni lathola ukuthi intulo yayisibatshelile abantu ukuthi bayokufa. Balubuza abantu ukuthi lwalukade luhlezi kuphi, balutshela ukuthi sebebambe olwentulo, eyafika kuqala.