Now Reading
Ukukhuluma okuthi “kwamuklekile”ngokwepolitiki mkhulu umonakalo okuwenzile
Dark Light

Ukukhuluma okuthi “kwamuklekile”ngokwepolitiki mkhulu umonakalo okuwenzile

Indlela yokucabanga ethi “kwamukelekile ngokwepolitiki mkhulu umonakalo omkhulu ewudalile ukubhedisa kanye nokuhlanezela indlela umlando wethu, njengesizwe okufanele udluliseleke ezizukululwaneni ezizolandela.

Enye yezinto engicabanga ukuthi cishe angimuhle ngayo ngemibhalo engiyibhalayo ukuphawula ngento abantu abahlala bekhuluma
ngayo ngasese kodwa besaba ukuyinekela isizwe ngoba bengafuni ukubizwa ngamagama ayiziswana. Iqiniso lithi uma sonke sizoba amagwala ukukhuluma ngezinto ezibuyisela ukuthuthuka emuva kunokuba kuye phambili, lokho kusho ukuthi isizukulwane esizayo sisengcupheni yokumukeliswa ubugwadule kuyoyonke imikhakha yempilo. Hhayi ngoba ngizibona njengomutu okhethekile. Ukubamba kwami iqhaza ekwakheni isizwe ngomnikelo wokubhala inhloso
yakho ukunonophalisa isizwe ngolwazi ukuze sikwazi ukubhekana nezinselelo zesimanje. Umgomo wami uwodwa: ukugwema ukubhala izinto eziwubuwula njengokuthi ngithanda bani phakathi kowayengumengameli ubaba uJacob Zuma anye noMntwana wakwaPhindangene, Inkosi uMangosuthu Buthelezi. Impendulo ilula. Ngibathanda ukufana bobabili ngoba kulesikhathi engiphila kuso uNkulunkulu ubabeke phambi kwami njengabaholi bami. Amen. Ukuthi baqhamuka emaqenjini amabili epolitiki ahlukene, akungithunazi ndawo ngoba kuyilungelo labo ukuzikhethela inhlangano abafisa ukuzimatanisa nayo. Kanjalo nasekuphilisaneni nabobonke engixhumana nabo. Ngiyohlala njalo ngilihlonipha ilungelo lomuntu lokuzikhethela inhlangano yepolitiki ayibona ihambisana nalokho akufisayo.

Mina ngibhala lokhu engikubona kwenzeka phambi kwami ngaphandle kokuthi kube khona lapho engithathisa khona kuqala. Ngamafuphi ngikhuluma umqondo wami ngaphandle kokusaba kanye nokuchema. Izwe lonakele njengoba lonakele ngenxa yobugwala nobuxoki kwamadoda nabesifazane abafuna njalo ngolwimi lwesiNgisi ukuhlala ocingweni bangaphumeli obala (sitting on the fence) ezikhathini lapho khona ubuholi beqiniso kanye nobuqotho budingeka khona. Iqiniso lithi isisusa sakho konke lokhu okudala izinto zingahanjiswa ngendlela noma ngezinkambiso ezifanele yilokhu kucabanga okwendulele bokuthi “kwamukelekile ngokwepolitiki” ukwenza into ebonwa nayingane encane ukuthi iphambene nobulungiswa kodwa
ngoba kuyimfashini ukuyenza umuntu aqhubeke nokuyenza engasacabangi ngisho nangobungozi balokho asanqume ukukwenza .

Kwakukhona umkhuba omubi ngenhlanhla osekunezinkomba zokuthi usuphelelwe isikhathi sobubi bawo. Lapha ngikhuluma ngesimo esibucayi esibe nesandla ekubulaweni kwabaningi abantu singekho isidingo. Bekuvamisile ikakhulukazi, esiFundazwe sethu kumkhakha wezepolitiki ukuthi uma umuntu ephikisana nenqubo nangendlela yokuphatha nokwenza izinto, kuthiwe lowomuntu uyiNkatha uma ubuholi baleyondawo kunguKhongolose. Kanjalo, lapho khona ubuholi bungobeNkatha, uma umuntu etholakala ephimisa umbono ohlukile kunalona okuqhutshwa ngayo, ngeke luphele usuku enganukwanga ukuthi unguKhongolose. Okubuhlungu ukuthi iziphetho zalezi zimo engikhuluma ngazo bezivamise noma zigcina ngokuphuma komphefumulo. Ubuhlale uqhamuka njalo umbuzo ukuthi lokubulalana okungaka kwezepolitiki kuqhamukaphi. Anginakho ukungabaza ukuthi okuningi kwakho kuqhamuka ngokuveza umbono ohlukile ngokwepolitiki. Ngokwenqubo yalelo qembu lepolitiki elisuke liphethe ngaleso sikhathi. Emuhle uNkulunkulu lesihlava sokubulalelwa ukuveza umbono ohlukile ngokwepolitiki sesiphelelwe isikhathi kwazise abantu, ikakhulukazi besifundazwe saKwaZulu bakhathele ukulwa izimpi zepolitiki ezingazishintshi izimpilo zabo.

See Also

Okubuhlungu kunakhokonke ukuthi abantu beNkosi bazolwa baqedane kodwa abaholi babo ephalamende bangqubuzane nje okungatheni ngenkulumo- mpikiswano kuthi ngesikhathi sesidlo sasemini bahlale etafuleni elilodwa bedla ojeli nokhastadi bencokola kuze kuvele elomhlathi. Umuntu ukushayela ihlombe ukubonakala kokuvuthwa kwabantu ezingeni eliphansi ukuthi ukungqubuzana nokubulalana egameni lepolitiki kungubuyisela isizwe emuva. Impi okufanele iliwe manje impi yokuvumbulula amakhono okuphatha ngobuqotho bese ayavotelwa ukuze ashintshe enze impilo ibengcono kuzigidigidi zabantu. Ubuholi obuzikhukhumezayo nobunganandaba nemibono yabantu buphelelwe isikhathi manje. Hhayi ukuthi izinto zizojika. Zinkulu izinkomba zokuthi izinto zijikile. Noma iliphi iqembu lezepolitiki elingagqiziqakala izimvo zabantu lisengcupheni yokulahlekelwa amavoti okhethweni lonyaka ozayo olunezinkomba zokuthi luyohlukanisa inhloko nesixhanti.
– Iyaqhubeka ngesonto elizayo.

UDokotela Vusi Shongwe eMgungundlovu, kwisiFundazwe saKwaZulu-Natal

Scroll To Top