Ubugebengu budla lubi emasosheni
Ukunyuka kwezinga lobugebengu obehlukahlukene kuthiwa kudla lubi embuthweni wezokuvikela kuleli. Ukuvela kwalezi zindaba kwabaningi akwethusanga njengoba ngesikhathi sokuvalwa kwezwe ngenxa yoKhuvethe, kwakukhalwa kakhulu ngamasosha ayeqola emphakathini.
UJenene uRudzani Maphwanya, ongomunye wabakhuzi kuSA National Defence Force uthe akusekho ukufihla ukuthi amasosha angene avele ngesiphanga ebugebengwini.
Ukusho lokhu ngesikhathi ethula inkulumo engqungqutheleni yesikhombisa yokulwa nobugebengu. Uthe akekho ongazi ukuthi ubugebengu buphezulu ezweni, kodwa kuyamangaza uma sebenziwa yilabo okumele engabe kwethenjelwe kubo. Uphonsele inselelo umbutho wezokuvikela ekutheni kube yiwo osekhaleni lokulwa nobugebengu esikhundleni souba kube yiwo oweluswayo njengezigebengu.
Le ngqungquthela, ngokusho kukaStaff Sergeant u-Itumeleng Makhubela, idwebe isithombe esingesihle ngezinga lobugebengu kanye nokwephulwa komthetho okwenziwe abasebenzi bewufake uphelele umfaniswano.
Amasosha abhekana nezingozi zezimoto, ukwebiwa kwezimoto, ukukhwabanisa nenkohlakalo phakathi kokunye. Amacala okuhlukumeza ngokocansi ahlala engabikwanga kangako kanye nobugebengu obuningi.
UMaphwanya uthi embuthweni wamasosha sekukhona namaqembu ezigebengu okuyinto esiphenduke insakavukela umchilo wesidwaba.
Ugcizelele ukuthi isu lokulwa nobugebengu elisetshenziswa kuSANDF libalulekile ekuqinisekiseni ukuthi umbutho “ulawulwa ngendlela eqondile”.
Ezinkundleni zokuxhumana, uBrigadier-General uSunitha Solomons, onguMqondisi Wezokushushiswa Kwezempi, uthe kuyinselelo entsha emasosheni ukuqapha nokuziphatha okuyinto
elindelwe umphakathi kuwona. Uxwayise ngokuthi amanye amalungu ezokuvikela atholakale esezinkundleni zokuxhumana esezindaweni okungamele engabe akuzo egqoke umfaniswano.
Emuva kokukhishwa kwale nkulumo, abantu abehlukene bathutheleke ezinkundleni zokuxhumana bebhala ngezigameko ezihlukene ezabehlela ezithinta abombutho wezokuvikela ezihlanganisa ubugebengu. Abaningi bebekhuluma ngezehlakalo zangesikhathi kusavalwe izwe.
Omunye wabo uthe lapho ayehlala khona kwase kunzima nokuhamba emini kwa bha besaba ukugetshengwa amasosha.