Now Reading
Babonge amasosha kwembulwa ikhasi elisha
Dark Light

Babonge amasosha kwembulwa ikhasi elisha

Umholi wombhikisho owaketula esikhundleni uMengameli waseGabon u-Ali Bongo (osesithombeni) ufungiswe njengomengameli wesikhashana futhi kwabonakala abalandeli bakhe bejabule kakhulu ngoMsombuluko emcimbini obuvezwa kwithelevishini owenzelwe ukubeka amasosha njengabakhululi bomphakathi ocindezelwe.

Ekuketulweni kombuso kwesishiyagalombili kwamazwe aseNtshonalanga naphakathi ne-Afrika eminyakeni emithathu, izikhulu zamasosha kanye nawo uqobo eholwa uGeneral Brice Oligui Nguema zathatha izintambo ngoNcwaba zingama-30, ngemva kwemizuzu kuphume isimemezelo sokuthi uBongo uphumelele ukhetho umbutho owaluchitha umphumela walo ulusola ngokungabi yiginiso.

Lokhu kuketulwa kombuso kudonse izixuku ezijabule emigwaqweni yenhloko-dolobha iLibreville kodwa zagxekwa phesheya, okuhlanganisa nenhlangano yesifunda sase-Afrika Emaphakathi i-ECCAS ethe ngoMsombuluko izomisa iGabon kulenhlangano kuze kubuyelwe kumthethosisekelo.

UNguema ushayelwe ihlombe izikhulu zamasosha nezikhulu ngesikhathi efika emcimbini, nangemuva kokufungiswa kwakhe ithimba labehluleli enkantolo yomthethosisekelo.

IState TV iveze izithombe zesixuku esijabulayo nabathwali bezikhali bedubula olwandle ukumaka lesi sikhathi. Enkulumeni yakhe, uNguema uphakamise izinguquko ezihlanganisa nomthethosisekelo omusha ozokwamukelwa ngenhlolovo, amakhodi amasha okhetho kanye nezinhlawulo, kanye nezinyathelo zokubeka eqhulwini amabhange ezwe nezinkampani ukuze kuthuthukiswe umnotho.

Uphinde wathi abadingisiwe kwezombusazwe bazokwamukelwa futhi kukhululwe iziboshwa zezepolitiki. Ephazanyiswa kaningi izihlwele ebezimjabulela , uchaze ukuketulwa kombuso, okwageda iminyaka engama-56 yokuphatha komndeni wakwaBongo kulelizwe elikhiqiza uwoyela, njengomzuzu wenkululeko yesizwe nokubonakaliswa kwentando kaNkulunkulu. “Uma abantu bechotshozwa abaholi babo… vibutho elibabuyisela isithunzi sabo,” kusho lomholi.

See Also

“Bantu baseGabon, namuhla izikhathi zeniabulo okhokho bethu ababephupha ngazo ziveza ekugcineni.” Izibalo eziningi zikahulumeni kaBongo, okuhlanganisa nephini likamengameli kanye nondunankulu, bawuhambele lo mcimbi. UBongo yena usaboshelwe endlini.

Wakhethwa (uBongo) ngowezi-2009, ethatha izintambo kuyise ongasekho owangena embusweni ngowe-1967.

Abamelene nabo bathi lo mndeni wenze okuncane kakhulu ukwaba uwoyela waseGabon ingcebo vezimayini nabantu bakuleliva lizwe abayizigidi ezi-2.3.

Scroll To Top