Now Reading
Intabamlilo ebingaqhuma noma kunini yamabhilidi amadala
Dark Light

Intabamlilo ebingaqhuma noma kunini yamabhilidi amadala

Isibhicongo sayizolo enkabeni yedolobha iGoli sokubhubha kwabantu abangaphezu kwe-73 ebhilidini uSindiso Shelter for Woman and Children eMarshaltown besingagwenywa ukube izwi labafokazane lathathwa. Lona ngomunye wemibono yabantu ezinkundleni zokuxhumana nasezinhlelweni zezindaba emuva kokuzwakala kwesililo nokuqhuma okukhulu obekuqhamuka kuleli bhilidi elinezitezi ezinhlanu. Iningi labahlala kulo ngabokufika abadabuka eZimbabwe nasemazweni angomakhelwane.

Emuva kokuzwakala kwesililo kuthiwa kuqubuke umlilo obusha ubuhanguhangu okuthathe imizuzu elishumi wabe ususabalele nebhilidi lonke. Akuphelanga sikhathi esingakanani lesi sibhicongo sabe sesiphenduka umnqakiswano wezepolitiki.

Kukhona abasole iqembu elibusayo uKhongolose neDemocratic Alliance ngokunqinda amandla owayeyiMeya yaseGoli uMnu uHerman Mashaba ngesikhathi eqala umkhankaso wokuba kuvalwe amabhilidi amadala enkabeni yedolobha ngezizathu zezokuphepha.

Ezinhlelweni zakhe zokukhuculula ubugebengu enkabeni yeGoli, wayethi amabhilidi amadala okugcwele kuwo abokufika kumele avalwe nabo babuyiselwe emakubo. Wayebalula kakhulu ubungozi futhi engahlonizi nokuthi
yiwo andisa ubugebengu. Sekungumlando ukuthi uMashaba waba nokungaboni ngalinye neDA wagcina eshiyile lo msebenzi engawuphothulanga.

Kuthathe isikhathi ukucisha ibhilidi okufe kulo abantu eGoli abezicishamlilo betakula nezidumbu

Ezinyangeni ezimbili ezedlule uMnu uKenny Kunene wePatriotic Alliance, ngesikhathi ebambile kwesobuMeya wanikela enkabeni yedolobha eyozibonela mathupha izimo okuhlala ngaphansi kwazo. Wajuba ithimba lezinhlekelele nezicishamlilo ukuba livale amabhilidi ngenxa yobungozi.

Ukuphawula kwabantu kusekutheni izwi lalaba
baholi lawela phansi ngoba bengaqhamuki eqenjini elibusayo okuyilo elinamandla nelikhuluma kuzwakale.

UMnu uSimo Stix uthe, le nhlekelele ibingagwemeka ukube akubekwanga ipolitiki phambili. “Laba baholi babeyibona ingozi laba bokufika ebalengelayo ngokuhlala emabhilidini amadala, bheka ke sikuphi manje.” Ngehora lesishiyagalombili ekuseni
isibalo sababhubhile bese simi kwabangama-56. Ngokuqhubeka kosuku isibalo beside sinyuka, ngokugamanxa kwehora leshumi nambili abaphangalele bese bengama-73.

Kusolwa ukuthi ngesikhathi kuqala umlilo bekunegesi evuliwe ngaphakathi ebhilidini okuyiyo ebe mandla ekuhileni abantu bafela khona lapho. Abasindile ngesikhathi umlilo usemandla basizwe ukuphuma ngamawindi bajombela phansi. Ngesikhathi sokuloba lapha izolo, kubikwe ukuthi kwesinye isitezi bekunezingane, enye yazo iphangalele.

Owesifazane ohlala kuleli bhilidi oshonelwe indodakazi yakhe, enye yaphuthunyiswa esibhedlela ufanise le nhlekelele nebhayisikobho.

“Njengomuntu ozisebenzayo ngasesangweni lebhilidi, ngiqale ngezwa umsindo obusho phezulu kungathi ngabantu bayaxabana. Ngithe uma ngingena ngaphakathi ngazithela kwabanye bebhuduzela bephuma ngaphandle kuwubumayemaye abanye bezithanqaza ngamawindi. Akubanga ngisho imizuzu emihlanu umlilo bese usugcwele ibhilidi lonke,” kuzikhalela lona wesifazane othe ulahlekelwe yikho konke abenakho.

Isikhulu Esiphezulu emakhazeni kahulumeni eGauteng uMnu uThembalethu Mpahlaza, uthe eminyakeni eminingi esebenza kulo mkhakha uyaqala ukuhlangana nenhlekelele ejengalena.

See Also

“Lesi isibalo esikhulu kakhulu sabantu abashonile nabalimele ngesikhathi esisodwa. Siyazama ukuqoqa izidumbu sizithumele emakhazeni e-Alexandra lapho zizohlolwa khona, yize umsebenzi ungaphezulu kwethu kodwa simelwe ukwenza lokhu okufanele esimweni esinjengalesi.”

Omele inhlangano engenzi nzuzo iSERI uMnu uZolile
Shide uthe ibhilidi elishile ngesikaMasipala waseGoli ngakho bekusemahlombe akhe ukuthi njalo enze isiqiniseko sokuthi uyalibhekelela ngenxa yokuthi kunabantu abahlala kulo.

Uthi yize besolwa ngokuphikisana nokuxoshwa kwabantu kuleli bhilidi, kepha bamile ekutheni uMasipala kwakumele ubatholele enye indawo kuqala ngaphambi kokubakhipha njengoba kucacile nakuMthethosisekelo wezwe ukuthi awukwazi ukukhipha umuntu endaweni uyombeka emgwaqeni.

Lesi sigameko siqubule ukukhuluma ngokuthi uhulumeni kumele kube khona akwenzayo ukuvala amabhilidi amadala abantu abangena kuwo ngokungemthetho. Izikhulu zikaMasipala waseGoli zijube amathimba abacwaningi abahlola ngembangela yomlilo.

Ngesikhathi sokuloba lapha abantu bebeselashwa ezibhedlela ezihlukene eGoli. Kucelwe nosizo lwezinkampani zama-ambulensi ezizimele ukuba zifake isandla ukusiza abanye abalimele khona endaweni yesibhicongo.

Ezinkundleni zokuxhumana abanye bathe kumele kubekwe eceleni ipolitiki, nokuthi abantu ababhubhile nabelashwayo ngabaluphi uhlanga nokuthi baphuma kumaphi amazwe, basizwe ngoba lokhu kubehlele bengaphakathi ezweni.

Scroll To Top