Now Reading
Bafuna iyophelela enkantolo abachithwa kusibonelelo sama-R350
Dark Light

Bafuna iyophelela enkantolo abachithwa kusibonelelo sama-R350

Njengoba kuya ngokushoshela ngokusondela kokuphela kwesikhathi sesibonelelo sikahulumeni sabangasebenzi sâm-R350, labo abafaka izicelo ekuqaleni zachithwa kuze kube yimanje bathi sebelinde usuku lwenkantolo.

Abanganelisekile ngendlela okuhlungwa ngayo izicelo zezibonelelo bakhala enhlanganweni elwela ukulingana emphakathini namalungelo iInstitute for Economic Justice (IEJ), #PayTheGrants movement and Socio-Economic Rights Institute (SERI).

UNgqongqoshe Wezokuthuthukiswa Komphakathi uNks uLindiwe Zulu neSouth African Social Security Agency (Sassa) yibo abangabamangalelwa bokuqala kuleli cala. Kubona kukhona abasithola ngesikhathi siqala ngonyaka we-2020 ngesikhathi kusavalwe izwe emuva kokuhlasela koKhuvethe, kodwa babeye banqanyulelwa ngesikhathi sekufakwa kabusha izicelo.

Ngaleso sikhathi 10.9 million abantu ababehlomula ngalesi sibonelelo. Izinhlangano ezilwela umphakathi zikhala ngokuthi njengoba sekusondela ukuvalwa kwesibonelelo kusenabantu osekuphele iminyaka belinde umnyama ongenafu.

Kubantu abali-14.4 million abafaka izicelo ngesikhathi sekuvuselelwa bali-5.6 million kuphela abakwazi ukuphumelela. Kukhona nokukhuluma okugxeka uMengameli uCyril ramaphosa ngokuthi waqhubezela phambili lolu hlelo ngoba enezinhloso zokubuyela ehlandleni lesibili, kodwa lungekho uhlelo oluqondile ngalo.

Yize uKhongolose uzama ukwenza ngakho konke ukuphuma kulolu bishi obhajwe kulo, kepha isikhathi sesidliwe yinja kwazise ukhetho luzobanjwa ngesigamu sesibili sonyaka ozayo. Ukukhuluma ngaphakathi eqenjini kuthi okungasindisa iqembu ukuqhubekezela phambili ukuholela abangasebenzi
u-R350. Lesi sibonelo esaqala ukukhokhelwa abantu ngesikhathi soKhuvethe kubhekeke ukuba ssivalwe ngoNhlaba wezi-2024.

See Also

Ukukhuluma kuthi okungenani kumele ukuholelwa kwabantu kuqhubeke kuze kube izinyaka emibili ezayo. Uhulumeni kuthiwa uhlela ukwenza Lokhu kuze kube siyatholakala isixazululo sangunaphakade sokulekelela abantu abangasebenzi.

Emuva komhlangano wangeledlule kaKhongolose, kuvele ukuthi uMnyango Wezokuthuthukiswa Komphakathi uhlela ukube nxa iKhabhinethi ukuba yelule isikhathi sesibonelelo ngeminyaka emibili. Ngokusho kukaNgqongqoshe walo Mnyango uNks uZulu, basabheka izindlela abangenza ngazo ukuze baqhubeke nokuholela abantu abadonsa kanzima.

Kubantu abahola lesi sibonelelo sebebonga ingenile imali ngoba kuyenzeka ngezinye izinyanga bayizwe ngendaba.

Scroll To Top