Now Reading
Siyanda isibalo sabaxoshwa enkampanini yezimanga
Dark Light

Siyanda isibalo sabaxoshwa enkampanini yezimanga

ABAXOSHWE enkampanini yezimanga eNewcastle esidume ngokuxosha abasebenzi ngaphandle kwezizathu sebelulelwe ukuthi udaba lwabo balufake eNkantolo Yezabasebenzi. Lesi seluleko sikhishwe uMnu uNhlanhla Khumalo okhulumela uMnyango Wezabasebenzi kuleli sonto engxoxweni abe nayo neBAYEDE. UKhumalo uthe angeke bangenelele kulolu daba ngoba alusekho ezandleni zabo kodwa bangenza uphenyo.

Phambilini iBAYEDE ikhiphe lolu daba emuva kokuxoshwa kwabasebenzi ababili ngaphandle kwezizathu. Leli phephandaba selikhulume nabasebenzi abevile kuma-20 abebesebenzela le nkampani iMetal Press Technology asebexoshiwe. Kwaqala ngokuthi kuxoshwe uNks uMaria Khoza waseNtendeka, eDannhauser, kwaphindwe kwaxoshwa abanye ababili okwakumele babe ngofakazi ecaleni abebhekene nalo uNks uKhoza. Ngokusho kwakhe wayesebenza ngesikhathi kufika imfolomani endaweni ayesebenza kuyo njenge opharetha.

Uthe le mfolomani ayidalule njengoMnu uKrishen Maharaj yabe isimyalela ukuthi makahambe ayosebenza komunye umshini okuyinto athi wayenza, yabe isiyahamba ngezintuba zamadina yaya emzini wayo yangabe isabuya. Uqhube wathi ngelanda elilandelayo wabe esethola incwaddi embizela esigcawini esiqondisa ubugwegwe,ngamangala ukuthi kwenzenjani. “ Ngathi uma ngithola lencwadi engibizela kulesigungu ngamangala ngoba ngawenza loyo msebenzi enganginikwe wona,”kusho yena eqhuba ethi, lesigcawu sokuqondisa ubugwegwe sahlehliswa emva kokuba kuthiwe ayikho lemfolomani.

Ukuvezile ukuthi lesigcawu sabe sesihlehlela umhla zili-11 kuMbasa ukuze abe nomuntu ozomumela . “Emva kwesigcawu sokuqondisa ubugwegwe ngaqhubeka nokusebenza anginikwanga ithuba lokubeka uvo lwami.

Owayengimele wenyunyana iNUMSA odalulwe uMnu uSolomon Hadebe wayekhona kulesigcawu kodwa akazange athi vu ngenkathi kuqhubeka icala. “ Ngabe sengilidlulisela eCCMA udaba lwami kodwa nakhona angilitholanga usizo ngoba uKhomishana wathi angithole ummeli weBargaining Council ,wathi linzima leli cala.”

Uthe ethi labe seliqulwa ngomunye uKhomishana khona eNewcastle. Uphinde wakuveza ukuthi naye wamtshela ukuthi makathathe uR10 000, owabe ubekwe etafuleni ngumqashi.” Ngawunqaba lo R10 000 ngoba ngangingawazi ukuthi ungowani,”kulanda yena, eqhuba ethi besengisebenze iminyaka eyishumi nanye,ngiholaR6 000 ngenyanga.

See Also

Uthe okwaphinda kwamxaka kakhulu emva kokuxoshwa kwake ukuxoshwa kwalabo okwakumele babe ngofakazi ababekhona ngenkathi ngenza lomsebenzi. Uphinde wakuveza ukuthi ofakazi bakhe uMnu uSkhumbuzo Nkosi noMnu uSimphiwe Nkosi baxoshwa nabo, batshelwa ukuthi umsebenzi uphelile,emva kokuxoshwa kwami.”Baningi asebexoshiwe kulenkampani ngayo lendlela,”kuphetha yena.

UMnu Nkosi utshele iBAYEDE ukuthi bona noMnu uKhoza babizwa ngumsebenzi obhekelele ukuqashwa nezindaba zabasebenzi uMnu uPrem Barlam wabatshela ukuthi umsebenzi uphelile. Uqhube wathi bamangala bezwa lokho kwazise phela bona babengasayinanga nkontileka nale nkampani. Uphethe ngokuthi into ebabangele amzinyo abushelelezi wukuthi kwakumele babe ngofakazi, kodwa bagcina bengafakazanga , baxoshwa kuphela. “ Sibuhlungu kakhulu ngoba sixoshelwe into engeko,”kusho uMnu Nkosi.

Ibuzwa imeneja yale nkampani uMnu uCarl Krans uthe okwenzeka kulenkampani akuhlangene nabezindaba,wabe esevala ucingo. Icala lizobuyela kwaCCMA noma usuku lungakamenyezelwa

Scroll To Top