Uqhakambisa umculo wamakhoisan uBrenda Fassie waseBotswana


Ukubona kufadalala umculo nokushabalala komlando wesizwe samaKhoisan yikho okwenza umculi waseBotswana waqoma ukugxila emculweni oqhakambisa ubumqoka balesi sizwe futhi ecula ngolimi lwaso.
UKhoisan Maxy ubalwa namaciko esifazane ahlonishwayo ezwenikazi, ngokubeka i-Afrika phambili nokugqugquzela ubunye esebenzisa umculo. Lo mculi ogama lakhe langempela okungu- Olebile Sedumedi uzakhele igama efika endimeni yomculo eminyakeni eli-17 edlule, nalapho engazange wapholisa maseko waqala ukuqopha.
Usekhiqize ama- albhamu ali-13 lapho ecula khona ngesiTswana nesiKhoisan. Uma elanda ngokuthi kungani ebizwa ngoKhoisan emculweni, uveza ukuthi yingoba uyisizukulwane salesi sizwe. Ngokusho kwakhe okhokho bakhe babengamaKhoisan yingakho efuna ukuthi ungacishi lomlando.
Ukungena kwakhe emculweni akubanga yiphutha kwazise ukhulele emndenini owabe ucula ebandleni.
Akulona lolu hlobo lomculi ongalumatanisa nohlobo oluthile olulodwa lomculo ngoba uyaguquguquka.
Ama-albhamu asewakhiphile asukela kumculo wesintu, igospel, ipop, ihip hop. Kungenxa yethalente lakhe okwenza wagcina esebizwa nge”Queen of the Sand”. Abalandeli bakhe bambiza ngoBrenda Fassie waseBotswana. Naye uqobo akakufihli ukuthi lo mculi ongasekho wayemlandela futhi nanamuhla
akaphumi esteji engazange ayicule ingoma yakhe kungakhathalekile ukuthi unandisa ezwenikazi okanye phesheyakwezilwandle.
UMaxy ungumculi wokuqala ophuma kuSouthern African Developing Community (SADC), ukumenywa ukuba ayonandisa emcimbini waminyaka yonke omkhulukazi e-Afrika iFemua 7 e-Abidjan e-Ivory Coast.
Ezinye zezingoma zakhe ezashisa izikhotha ngethi, Kalahari (Uwe Uwe) ayiqopha ngonyaka we- 2000. Kuze kube yinamuhla le ngoma isathakaselwa kakhulu eBotswana, futhi isahamba phambili kuleliya lizwe ezingomeni ezinesigqi se-Afrika.