Now Reading
Umprofethi wangaphambi kwezikhathi zakhe
Dark Light

Umprofethi wangaphambi kwezikhathi zakhe

Empilweni bakhona abantu okuphilwa nabo benganakiwe kuthi uma bengasekho bese kuba yima kubonakala ukuthi kwabe kusho ukuthini ubukhona babo phakathi kwethu. Omunye walabo bantu ngumufi uLucky Philip Dube owabe eliciko elihlonishwa umhlaba wonke. Le nsizwa yahamba lapha emhlabeni isinamacwecwe angama-22. 

Okumangalisayo kwabe kuwukhuthi izingoma lezi zabe zingesiZulu, isiNgisi nesiBhunu. Ezingqaphelini nakubathandi bomculo kukhona ukuvunelana ukuthi uDube wabe ephambili kunesikhathi sakhe, lokhu kubaluleka kakhulu uma ufunda izinhlamvu zezingoma zakhe kungekhona nje ukulandela imisindo nayo enendawo yayo. 

 Ingoma nje ethi, ‘Different Colours, One People’ ese-albhamini iVictims (1993) wayicula ngisho uSobaba uTutu engakaqhamuki negama elikhuluma ngeRainbow Nation eyabe ichaza isizwe esisha ngale kokhetho.

 Ezinye zezinhlamvu kule ngoba zithi “We Hulumeni , ungalokothi usehlukanise, nawe sopolitiki ungalokothi usehlukanise”. 

See Also

Ikhona nenye okwakuthi uma esengena lapha ezinkundleni abantu kube ngathi baloyiwe, ikhona nje lena ethi, ‘Slave’  eku-albhamu iCaptured Live (1990).  Ubani ongakhohlwa yiPrisoner (1989)  okwakudilika inkundla amagede avule abantu sebegijima ukuyibona ngamehlo le nsizwa yemiyeko.

Abaningi bamthanda nje kuReggae kepha wabe eyinkunzi nakuwo umculo wombhaqanga. Kuwo waqhamuka namanoni afana nathi, ‘Le ngane ngeyethu, Siyakwethemba baba, Lobolani’ nezinye ezimnandi.  Inyanga uMfumfu ahamba ngayo ngesandla somuntu yasephuca umphrofethi wethu owabe engadumanga nje kuphela ezizweni kepha nathi wayekhuluma simuzwe, ephrofetha simuzwe. Akulona nehaba ukuthi ukuhamba kwakhe kwenza wafadalala umculo weReggae ayesewethule kuwo wonke umuntu ngephimbo namagama akhe.

Scroll To Top