UMashatile nomyalezo onqala wezomnotho entsheni yakuleli
UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
IPhini likaMengameli uMnu uPaul Mashatile uzwakalise ukukhathazeka kukahulumeni ngezinga lokukhula komnotho wezwe, wathi intsha iphakathi kwalabo abathinteka kabi.
Ubekhuluma ngesikhathi leli lizwe ligubha uSuku lweNtsha. UMashatile wenze inkulumo yosuku ngoLwesihlanu.
“Sisakhathazekile ngokuthi umnotho awukhuli ngezinga elivumela ukuthuthuka komnotho wenqwaba yabantu, ikakhulukazi intsha. Kungalesi sizathu sizibophezela ukusheshisa ukukhululwa kwentsha kwezomnotho ukuze kube nekusasa elisimeme. Ngaphezu kwezinhlelo zikahulumeni ezikhona zokweseka osomabhizinisi, sihlinzeka osomabhizinisi abasebasha ithuba lokuthola ukwesekwa kokuthuthukiswa kwamabhizinisi ngokwezezimali nangaphandle kwezezimali ukuze bakwazi ukusungula nokukhulisa amabhizinisi abo.”
UMashatile unxuse abantu abasha ukuthi bathole ugqozi entsheni yakudala, eyayilwa nokungabi nabulungiswa emphakathini.
“Intsha yanamuhla kumele ithole ugqozi entsheni yakudala nayo eyakhombisa ubukhulu namandla abantu abasha ngesikhathi bebumbene ukulwa nokungabi nabulungiswa emphakathini. Namuhla, sikhumbula lapho sisuka khona njengesizwe futhi siyazibophezela kabusha ukuthi singaphinde sibuyele eNingizimu Afrika esikhathini esedlule. Ngokubambisana nentsha yakuleli, sibheke phambili ekwakheni izwe lamaphupho ethu.”
UNgqongqoshe wezoBulungiswa uRonald Lamola uthi uhulumeni nentsha kumele basebenzisane ukuze basize ukubhekana nezinselelo zaseNingizimu Afrika. Ubekhuluma ngesikhathi leli lizwe ligubha uSuku lweNtsha.
“Sidinga sonke, abantu abasha kanye nabo bonke ababambiqhaza, ukuthi sibambe iqhaza ukuze umnotho ukhule, [futhi] sibhekane nobugebengu nazo zonke lezi zinselelo. Ukuze sikwazi ukuphendula njengesizwe. Ngisho noMthethosisekelo uyasibona isimo lapho uhulumeni enza kube nenkundla ezokwenza ukuthi yonke intsha kanye nabantu baseNingizimu Afrika baphumelele.”

